Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
308 – 328

Ngakube ngicwile ezinkambeni?

Kugcine sekukholakala ukuthi ukuze ube ngumcwili ophuzweni umelwe ukushona ngamadevu ophuzweni usuku nosuku. Kodwa lokho akusilo iqiniso neze. Kahle hle kuyenzeka ube ngocwile ezinkambani ngisho kwawena ungaziboni.
11 Apr 2022 4AM 5 min

Izisekelo zebhayibheli ngokunikelela abampofu

Lithini ibhayibheli ngenhlupheko nokunikelela abampofu? Ngifuna ukukuqonda ngobuNkulunkulu lokhu,kodwa nje eqinisweni kimi njengomzalwane osemusha eNkosini ngibe nokudideka ngeminye imibono ngeminikelo engizwe ngayo.Ngakuba nibuka lesisenzo njengesinye esimqoka empilweni yobuKhrestu?
7 Apr 2022 6PM 5 min

Ingcindezi nokuzibulala: Izimpawu nezexwayisayo

Uma kukhona omaziyo oseduze nawe onengcindezi, nakanjani umelwe ukulalela loluhlelo Ezomndeni lakhona namhlanje sizobe sixoxa ngamaphuzu ambeka engozini kunye nezimpawu ezexwayisayo ngengcindezi nokuzibulala.Ungabe usaya ndawo.
6 Apr 2022 6PM 5 min

Ingane esikhulile ithwele kanzima ngezothando oluseceleni lomzali nomlingani wakhe

Abazali bami basanda kuhlukanisa ngoba uMawami wayephinga .Kusuka lapho usehlala nalomlisa futhi bahlela ukushadana kungekudala .mina nomnyeni wami siphila eceleni,futhi sekwenze kwanzima ukubhekana nakho konke lokhu. UMawami ungidinelwe ukungemukeli leli soka lakhe ngezandla ezifudumele. Usabisa nokungasaphinda ahlanganyele nathi uma sinemcimbi yomndeni, kodwa eqinisweni ngempela ,angimfuni lomlisa wakhe. Ngicabanga nginobunzima ukusebenza…
5 Apr 2022 6PM 5 min

Indodakazi ayimhloniphi umkhwenyana wayo

Uma ungumama wendodakazi esishadile, nebala uyazi ukuthi izinga liyashintsha kakhulu. Lengane yakho esikhulile isiphumile esandleni sakho, kodwa manje isinomndeni wayo ozimele.
3 Apr 2022 6PM 4 min

I-adoption nokwelapha i-Sensory Processing Disorder

Luhloboluni lwemithi ekhona kumbe izelapho ezinganeni ezithwele kanzima nge Sensory Processing Disorder? Sinomfana oyi-foster kithi onesemumva lakhe labe linokuhlukunyezwa okukhulu. Emva kokuba sesihlale phansi nabezempilo sithole ukuthi izinkinga zakhe eziningi, zilele kwisemumva lakhe futhi zingalashwa ngokwemizwa yengqondo.
31 Mar 2022 6PM 6 min

Ukugconana emndenini

Ngakube umndeni wakho ngomunye wemindeni ekhonze ukuncokola kuqhume uhleko? Ngakube uzithola wenza ihlaya ngamanye amalungu omndeni ze wonke umuntu ahleke? Ukugcona abanye kungenza umndeni unamathelane. Nokho, uma kwenziwe ngendlela engalungile, ukugconana kungaholela odweshwini olukhulu emndenini.
29 Mar 2022 6PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ukuzibulala kwentsha kuphezulu njengokuba izithola ithe shi kwi-negative thinking futhi izithole kujikelezo lwengcindezo nemizwa yokungabi nathemba. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje siza nokuthi ungasondela kanjani kumhlobo onosizi olahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala.
27 Mar 2022 6PM 5 min

Ebuzalini i-quality time iqhathaniswa ne-quantity time

Kulezinsuku esiphila kuzo ekukhuleni kwe-technology, kanjalo nabazali besebenza amahora amade ukondla imindeni yabo, isikhathi nezingane sesiphazamisekile,ngeshwa ucwaningo lukhombisa umthelela ongemuhle, walempilo emndenini uwonkana. Abanye abazali bakholwa ngukuthi uma bengondla kahle imindeni yabo bayithengele izinto ezicelayo, benze okwanele ukuba ngabazali.
24 Mar 2022 6PM 4 min

Abazali abankamunkamu nomakoti nondodana

Ukugcina ubudlelwano nezingane zakho esezikhulile, kunye neziganene nabo kuhlale kungelula. Namuhla ohlelweni Ezomndeni sizokhuluma ngabazali osekunoqhekeko kundodana nomalokazana wabo futhi abangazi ukuthi lolufa bazolulungisa kanjani.
23 Mar 2022 6PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Kuhlale kunzima kumama ukuvalelisa enganeni yakhe esikhulile uma seyinquma ukuzimela, qede ibhekane nempilo injalo. Kodwa uma lengane esikhulile yehluleka ukuzimela, omama basikwa yizinseko qede bafune ukuyitakula.
22 Mar 2022 6PM 4 min

Izingane nobungani obuphilile

Uma ungumzali kuba nzima ukuba yisibukeli ngesikhathi ingane yakho ihlulwa ukukhetha kahle abangane.Impilo yokuphilisana nabantu enganeni yakho isemqoka ngoba umuntu ubunjwa wuhlobo lwabantu abamzungezile.
21 Mar 2022 6PM 4 min

Ukuhlelela ukulala kosana kunye no-mbhede womndeni

Uthini umbono wenu wokuba izingane zilale nabazali bazo? Umngani wami ukholwa ngukuthi ‘umbhede womndeni’ ulusizo kulo lonke ilunga lomndeni.Uze ame ekutheni lenqubo ingavikela ukushona kwengane ngenxa yokucinana ancome nokunye okuhle kwezempilo.
17 Mar 2022 6PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Ingxenye yesibili kwezimbili)

Phambilini ohlelweni ezomndeni sasiphendula ukububula komlaleli wethu owayefuna usizo owayezizwa njengesehluleki nawaselahlekelwe yithemba empilweni yakhe. Ukukhala okunjalo kuyithinta ngokujulile inhliziyo yethu futhi siye sifune ukungenelela sisize ngokushesha.
16 Mar 2022 6PM 5 min

Ophelelwe yithemba uzizwa eyisehluleki (Ingxenye yokuqala kwezimbili)

Sewake waba sesimweni la kusengathi impilo iyama futhi ithemba liyaphela?Leyomizwa akumele neze ithathwe kalula, kumele futhi ihlaziywe ngoseceleni ongakwazi ukuletha ukubona okwehlukile esimweni. Abantu abazizwa belahlekelwe yithemba, bayinhliziyo yethu la kwa Focus on the Family
15 Mar 2022 6PM 5 min

Ubaba okhathazeke ngentombazana engena ebutshtshini esikluluza abafana

Ngakube intombazane eneminyaka engu-12 isencane kakhulu ukuqala ukukhombisa umcabango ngomuntu wesilisa?Mina nomnyeni wami sinombono ohlukene ngaloludaba.Indodakazi yami ivamisa ukuthi uma inomngani wayo sibabhadame bencoma abafana abahle. Ngokwami lokhu ngikubuka kuyinto ejwayelekile ekungeneni ekuthombeni. Umkhwenyana wami yena ukholelwa ngukuthi isencane kabi ukuqala ibe naleyomcabango futhi uma ikhula izokhalakatheka kweqe.Ngiyamhlonipha kakhulu umkhwenyana…
14 Mar 2022 6PM 4 min
308 – 328