UMKhrestu onongabazane olujulile ngensindiso Kwakhe
--:--
Ngingazi kanjani ukuthi ngisindisiwe ,uma ngizizwa sengathi angisindisiwe? Ngiyazi baningi abantu abathwala kanzima ngongabazane ,ngalokhu –yinkinga le esengibe nayo impilo yami yonke yoBuKhrestu.Sengikhulume kubafundisi abaningi eminyakeni edlule ,bonke bangitshele into eyodwa.Babethi uma ngamcela uNkulunkulu ukungisindisa ,ngakho ngisindisiwe.Ngiyazi futhi ukuthi lithini ibhayibheli ngalokhu ukuthi Yena uyakusisindisa uma simbiza.Kodwa lololwazi alusizi zikhathi zonke .Ebusuku obuphambilini ngike nganomuzwa omubi kakhulu ongibelesela ngokuthi angisindisiwe nokuthi ngeke ngisindiswe.Kwangaphezu kongabazane nomuzwa nje.Kwakucekela phansi ingaphakathi lami.Ngangithonjelwe ngukhiye.Angikwazi ukuqhubeka nalokhu kuyetha .Ningangisiza?