Ukubeka eqhulwini nokuhlela isidlo somndeni ekhaya elimatasa

--:--
Umndeni wethu ungadla kanjani ndawonye nanxa umatasa? Ngiyafuna ngempela ukufeza lempokophelo ,kodwa sibhekene nezingqinamba eziningi ,futhi ngiyesaba nokusaba.Ama-schedule ahlale egcwele ,sekuyinqubo yethu ekhaya neyami nayo iyanyinyitheka.Esikhathini engiphuma ngaso emsebenzini kusuke sekuyukuyojama kwi traffic ,ekhaya ngifike ngo 6:00 sekukusihlwa vese.Ngalesosikhathi ngiyazi ukuthi mangase ngimoshe isikhathi eside ngenza izidlo ezihlabahlosi ,ngingathi ngiqeda umndeni wami uyobe usufa yindlala. Ngiyimisa kanjani lenselelo?
12 Apr 2022 4AM Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality

Other recent episodes

Isikole esiyi-bording ezinganeni zezisebenzi zeNkosi

Uthini umbono wenu nge bording school ezinganeni? Ngiye ngibone sengathi iyalimaza ngokwemindeni. Kodwa nje nje mina nomnyeni wami sisanda kuthola ubizo lokuyosebenzela iNkosi phesheya kwezilwandle ,okubukeka kuyilona luhlelo kuphela oluphambi kwethu yilo lolu.Anginasiqiniseko lokhu kuhle yini ezinganeni nasemndenini wethu,kodwa futhi asifuni futhi ukudela ubizo lwethu lokuhambisa ivangeli.Lukhona ululeko la?
27 Feb 5PM 5 min

Ukubhekana nokugeleza kwemiqhafazo yezocansi entsheni

Lokhona utho mina nomnyeni wami esingalwenza ukwehlisa ukukhungatheka nge -teenager yethu ebhekane nakho ngenxa yokuzigaxa kwayo kwi –sexting? Impilo yakhe neyomndeni wethu yaphenduka yabheka phansi ngamhla kuqhumbuka izithombe zayo inqunu zijikeleziswa esikoleni sayo electronically.Njengokuba nawe ungazicabangela ubuhlungu benhliziyo busankentenketha kakhulu. Ngaphezu kwalokho isibhekene necala lobugebengu . Lukhona usizo eninalo ngathi?
26 Feb 5PM 5 min

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
23 Feb 5PM 5 min

Onomgudu wokuzitshela

Sewake wezwa ngomuntu okuthiwa uyazitshela? Leligama livamisa ukusetshenziswa kumuntu ozibona emqoka nozazi yena. Akulula ukushadana nomuntu onalemigudu, nokho leligama lokuzitshela kuyenzeka lisetshenziswe ngendlela okungeyona. Kuloluhlelo Ezomndeni namhlanje sizomchaza kangcono lomuntu.
22 Feb 5PM 4 min

Owesifazane wayengenziwa kanjani ngomfanekiso kaNkulunkulu oziveza engowesilisa

Kuningi ukuqophisana ngobulili nokulingana kulezinsuku, okubiza ukuba AmaKhrestu amelwe ukubambelela ezinkolelweni zawo zebhayibheli ukuze amelane nokujivazwa ngokwe-media nabalwela inkululeko ewuvuma zonke.Kodwa ibhayibheli likhuluma ngowesifazane akhiwe ngomfanekiso kaNkulunkulu, lokho okungaletha ukudideka okuningi ngoba uNkulunkulu ubizwa ngoBaba, okusihlawumbisela ukuthi uyiNdoda. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizoletha amasu aphusile ngalesihloko esiyindidabuchopho, hlala nathi .
21 Feb 5PM 5 min