
Ingane esaba izinambuzane nokusamabhungane
--:--
Umphefumulo womuntu yiwo oyingqondo yomuntu osisiza ukuntweza empilweni .Umqondo womuntu unamandla ngendlela yokuthi angakwazi ngisho ukuzitshela ngezinto ezingekho aze azikholwe. Sesikushilo lokho ,uma ingane ibhekana nento esabisayo ,emehlweni ayo, ingavumela umqondo wayo onamandla ukwakha zonke izithombe lezi nokwesaba,ngenxa futhi yokuthi basebancane kabayikubona ukuthi into leyo isengqondweni yabo nje. Ukuba ngumzali wengane eseke yaba kulelishwa akulula.