Umzali owahlukanisa unovalo ngengane yakhe esikhulile engawuzwa kahle umshado
--:--
Umshado uyisakhiwo esingcwele esadalwa nguNkulunkulu, futhi kunokuningi okuwusizo nokuhle empilweni ekuzinikeleni emshadweni. Ngeshwa ngokunyuka kwezahlukaniso kuleminyaka ,umshado usumanembenembe kwabaningi. Kuyavama ukuba ingane evela kubazali abahlukanisa, ukuba ingabi nkamunkumu ngomshado.