Ukuqhumbuza ezomshado kwezokuxhumana (social media)
--:--
Uma izinkinga ziqhumbuka emshadweni wakho uya kubani? Abashadile abaningi banenkinga yokungaxoxi ngokunganeliseki emishadweni yawo. Kungaba nzima ukuba nalezongxoxo ubuso nobuso nowakwakho, yingakho abanye abantu baye bethi ukuphefumula kubangani ekuveleni kwethuba yindlela yokuxosha intuthu. Kwabanye lolohlobo lwabangani lukwezokuxhumana, ngakho ukuphefumula kwenzeka khona lapho. Kodwa ngeshwa loukuthi i-social media yibhodwe lomhlaba wonke okungagcinisa ezomshado wakho ziphakeleke uwonke wonke. Ohlelweni sikhuluma ngokufuna indlebe enozwelo ezikhathini lakhona umshado wakho umuka nezikhukhula.