Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
968 – 988

Ingane Esencane Ehlikihla Isitho Iketelo

Ngakube akwejwayelekile kumbe kungukungabi nankambo ukuba umfana wami ede ezithinta isingasese sakhe edlalisa iketelo? Kukaningi ngimbamba enza lomdlalo ekhaya ,kukodwa kusemphakathini.Ngenze njani?
29 Sep 2019 6PM 5 min

Ukuqonda Ukuzisika Kwalaba asebancane

Ngenze njani emkhubeni wokuzisika kwendodakazi yami ? Ngisanda kuthola mumva nje ukuthi unomkhuba wokuzisika .Ngizamile ukumtshela lokhu kuyangikhathaza .Ngize ngamtshela ngicela ukuziphathela lesisimo ngokwami.Kodwa uvese agcwale ukugxeka nokungangethembi.Ngivese ngamthembisa ukumshiya kanjalo ,kodwa ngamvulela umnyango ukuthi uma engidinga angithinte uma nje sewufika lomoya wokuzisika engqondweni.Nicabanga kukhona esingakwenza naye ukulungisa lesisimo ?…
26 Sep 2019 6PM 4 min

Intombazanyana Efuna Usizo Emva kokuhlukunyezwa ngokocansi

Ngisanda nje kuba yisisulu sokudlwengulwa .Ngiludinga kakhulu usizo kodwa angazi ngizoluthola kuphi –yikuphi okumele ngikwenze ? Angikaze ngixoxele abazali bami futhi akekho owaziyo .Nginamahloni ukuvuleka ngalokhu emndenini nakubangani ,futhi ngesaba ukuthi sizobe ngesedlulele isimo uma ngiyobika emaphoyiseni.Khona manjalo ,ngizizwa ngingcolile ,nginecala,ngingelutho ,ngixakekile ngesaba kakhulu kwakuba kukhona na umnyakazo engingawenza.
25 Sep 2019 6PM 5 min

UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni - (Part 2 of 2)

Ningangihola ekutheni ngintweza kanjani emcabangweni wokuqhelelana emshadweni? Umshado wami kade waqala ukuhlaselwa wukuhuzuka .Okugcine ngokuba sifike esiphethweni sokuthi –simelwe ukuqhelelana okwesikhasahana –okuyinto ebuhlungu leyo .Ngeqiniso angazi ngempela noma lomshado wethu uzosinda, kodwa ngenxa yezingane zethu nokuphumula kwengqondo, simelwe ukungena kulesinqumo . Sitshele bani? Sobabili singaxhumana ndlelani ngesikhathi sisahlukene?Ezezimali nokunye sibhekana…
24 Sep 2019 6PM 4 min

UBhekana Kanjani Nokuqhelelana Emshadweni - ( Part 1 of 2)

Ningangihola ekutheni ngintweza kanjani emcabangweni wokuqhelelana emshadweni? Umshado wami kade waqala ukuhlaselwa wukuhuzuka .Okugcine ngokuba sifike esiphethweni sokuthi –simelwe ukuqhelelana okwesikhasahana –okuyinto ebuhlungu leyo .Ngeqiniso angazi ngempela noma lomshado wethu uzosinda, kodwa ngenxa yezingane zethu nokuphumula kwengqondo, simelwe ukungena kulesinqumo . Sitshele bani? Sobabili singaxhumana ndlelani ngesikhathi sisahlukene?Ezezimali nokunye sibhekana…
23 Sep 2019 6PM 4 min

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese II

Ngakube kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni uma ngihuhwa ngubulili bunye ? Sekube nezigaba lakhona nginenjula mizwa ngomuntu wobulili bunye.Kaninganyana ngize ngiluthekele ukuzihuqa kuye.Ngikhungathekile futhi angazi ngiwuthini lomcabango .Ningangisiza?
22 Sep 2019 6PM 6 min

Ukuhuhwa ngubulili-bunye kunye nobuqobo bengasese I

Ngakube kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni uma ngihuhwa ngubulili bunye ? Sekube nezigaba lakhona nginenjula -mizwa ngomuntu wobulili bunye.Kaninganyana ngize ngiluthekele ukuzihuqa kuye.Ngikhungathekile futhi angazi ngiwuthini lomcabango .Ningangisiza?
19 Sep 2019 6PM 5 min

Ukuhlukana koMzali neNgane okwesikhashana

Ngakube kube lula yini kimi ukushiya ingane yami nomzanyane kumbe ngiyishiye enkulisa amahora ? Ngisengumzali omusha ,kangikazi noma kunempilo yini ukuhlukanisa ingane yami nami kube yisikhashana .Kuthini ukubona kwenu kulokhu?
18 Sep 2019 11PM 4 min

Ukuhlola Izifo Zocansi Kongathembekile Emshadweni

Ngakube uwakwakho oseke waphinga ahlolelwe izifo ezithathelana ngocansi ? Umkhwenyana wami phambilini ,ukunqamulile ukuphinga kwakhe ,kumanje sisemsebenzini wokubuyisana .Sisagxoba amalahle njengamanje ,futhi kangifuni ukwenza sengathi ngide ngimhilela ngezinto okungathi angimthethelele.Khona manjalo futhi angikholwa ukuthi okungikhathazayo kuyinto yokuzitshwa .Ngenzenjani?
17 Sep 2019 4PM 5 min

Ukululama Enhliziyweni Emva Kwesimo Esibuhlungu

Ngingathola kanjani ukululama ekuhlasimuleni komzimba nosizi ? Inyanga yonke edlule ngakithi sibhekane nezikhukhula ezibuhlungu.Thina nje silahlekelwe yikhaya ,ukuphazamiseka kwesikole nomsebenzi okuchaza ukuma kweholo ,ukusambatheka ngekusasa.Manje njengokuba lokho sekwedlule ,sisagotshiswe amadlangala kwenye indawo ,siyimindeni,sengiqale ukubona ukuthi sisazophila nobuhlungu balesikhukhula eside isikhathi lesi .Ningangisiza ukudondolozela kulomqansa?
16 Sep 2019 4PM 5 min

Ukuzilungiselela Ikhaya Eligengqezayo

Yikuphi esidinga ukukwenza ukulungiselela ukuhamba kwengane yethu engumagcina? Ekupheleni kwalonyaka uyasishiya useyoqala izifundo eziphakeme zakhe ,bese thina sisale sodwa layikhaya .Sengike ngezwa ukuthi abashadikazi abasezingeni lethu babhekana nengcindezi futhi bagcine abanye sebehlukanisa.Singazilungisela kanjani loluguquko futhi sigweme nezikhisi esingaphonseka kuzo?
15 Sep 2019 4PM 5 min

Izizathu ukulubekela Imfundo Ephakeme

Kungani kumele ngiye e University ? Indlela mina engibuka ngayo ,amakolishi awabumbi isizukulwane esilandelayo ukuba sibe abadala abanokhiqhizo nobuholi,lokho okungasizi mfundi ukufinyelela ezimpokophelweni zakhe .Kungani uzicwilise ezikweletini ngenxa nje yokuthi kunomuntu olindele ube neziqu ? Kungani uchithe iminyaka yakho emide usebenzela ucwezu lwephepha nje ologcina lukubeka ezingeni lokuhola okufanayo nongenalo?…
12 Sep 2019 4PM 5 min

Abazali abakhathazekile ngentombazane ekhonze imidlalo yabafana

Ngakube kumele ngikhathazeke ukuthi indodakazi hleze ayizazi ubulili bayo ngoba ithanda ukugqoka njengomfana ,ikhonze nokudlala ibhola noyise ? Emva kokubuka uhlelo lukamabonakude ngalesihloko ,kungenze ngazibuza kunokwenzeka yini kukhona okunye okungale kulokhuthanda izinto zabafana kwayo .Nicabanga idinga ululeko?
11 Sep 2019 4PM 5 min

Umkhwenyana ozibuza ngakube abambe iqhaza lokuba ngumama

Kukhona oku-wrong ngobaba abahlala ekhaya? Njengamanje angisebenzi kanti nonkosikazi wami uhola kahle ,lokho okwenza ngibone kungcono nginakekele ikhaya nabantwana .Ngisaqala kwakubukeka kungumqondo omuhle kodwa manje senginongabazane.
10 Sep 2019 4PM 4 min

Umkhwenyana olulama okikanetelweni lwe-Porn ,akasemashushu ngenkonzo

Kuyinjwayelo yini ukuba umkhwenyana okade ezicwilise ezithombeni zobunqunu ,qede angabe esaba nolangazelelo oluseduze emshadweni? Mina nomnyeni wami sekuphele izinyanga eziwu 8 singayi enkonzweni yekamero.Uyazi ngiyalangazelela ukuba kuyona ,kodwa yena useyisibhocobhoco kuyona.Ngisola kuthinta udaba lobudlelwano abe nabo online ,kanjalo nange porn nokho usesohambweni lokulapheka kuyona.Ngizizwa ngingolahliwe .Ngingasiguqula kanjani lesisimo?
9 Sep 2019 4PM 4 min

OGogo noMkhulu abalekelela Omama nobaba abamatasa

Ngakube thina njengoGogo ,simelwe yini ukuthatha isikhala sobuzali kubazukulu ? Undodana wami nomakoti bayasebenza futhi bahlale bematasa ngokwevile.Ngiye ngizithole nekhehla lami sesithatha iqhaza lobuzali esikhundleni sabo ukuze bone babhekane nobutasa bemisebenzi yabo.Siyakujabulela ukuba nabazukulu futhi sibe lusizo ngalendlela .Kodwa kwesinye isikhathi ngiba nomuzwa wongabazane .Nicabanga ukuthi lokhu kuluhlelo oluhle?
8 Sep 2019 4PM 4 min

Ukugudluza Ingcindezi Yokuqeqesha ingane isigcozi

Ngakube ukufundisa ingane isigcozi kuyinto ehlale inzima neyinselelo? Sinesikhathi sizama ukuqeqesha undodana wethu kusukela aba neminyaka ewu 2.Kuze kube manje sisahluleka ukuwina lokho okwenyuse ingcindezi ekhaya ngamalengiso.Emva kwezinyanga ezimbalwa sisahluleka namanje .Ngakube lokhu kujwayelekile?
5 Sep 2019 4PM 5 min

Ukuqondisa Izigwegwe Enganeni Engekho kunyathela kunye

Yini engingayenza ukwenza indodana yami ithobele okushiwoyo yenze ngokulalela? Indodana yethu encane inenkani ,ulibeka nayo ilibeke.Ayiwenzi umsebenzi wayo wesikole futhi ayifuni noku cleaner ekamerweni layo.Uma sizama ukuxoxa nayo ngaloludaba ngomoya ophansi siphetha sesiphakamisa amaphimbo .Yini esingayenzi kahle ?
4 Sep 2019 4PM 5 min

Imicabango Ngomama Abasebenzayo

Ninalo ukhuthazo ngomama abaqashwe ngaphandle kwekhaya ? Ngiyazi ukuthi iFocus On The Family izipha isikhathi ukugqugquzela omama abahlala ekhaya eqhazeni labo ,kodwa ngiyazibuza kazi ninalo na usizo kulabo bethu okubiza betshathe izikhwama njalo ekuseni beya emsebenzini ukuze izindleko zekhaya zifezeke.
3 Sep 2019 4PM 5 min

Akathembekanga Umlisa Obukipite Naye

Ngenze njani ngobaba wengane ebengihlala naye ongikhohlisile ? Sesihlale ndawonye iminyaka emininganyana ,manje ngisanda kuthola ukuthi ubexoxa ngemiqhafazo ezothando nomunye umngani wami .Uma ngimqonda ngqo ,uthe kube yimi imbangela .Emva kwalokho wangilaxaza nengane yethu ,wayozihlalela noyise kubo .Lokho sengingathekisa ukuthi kungifaka ekubeni ngumzali oyedwana.Ngizizwa ngishiwe esiqhingini ngilimele.Ngenze njani ?
2 Sep 2019 4PM 4 min
968 – 988