Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
948 – 968

Ogogo nomkhulu bakhathazeke ngesimo sezempilo ekhaya labazukulu

Ngakube kusesigabeni sami yini ukungenelela uma ngibona ukuthi isimo sempilo asiphephile asinampilo emzini womtanami kubazukulu? Ngiyamthanda undodana wami nomakoti kodwa ngibona sengathi ikhaya labo alinampilo enhle kumzukulu wami oyintombazane onezinyanga ezingu 10.Phansi endlini kungcolile kunolwelwezi olubi lokudla okwasalela ku khaphethe namanabukeni uwafica ebekwe yonke indawo.Ukuvimbela lendodakazi yabo ,bayigcina isemotweni yayo…
30 Oct 2019 6PM 5 min

Ukugconana emndenini

Ngakube akukuhle ukugconana nokungcofa amanye amalunga omndeni? Sihlala njalo sikuthokozela ukuhleka ndawonye emndenini wethu ,lokho kwesinye isikhathi okubandakanya lokhu abakubiza ngokungcofana.Abanye abangani bethu basixwayise ngokuthi kungenzeka ngalesi senzo sizithole sifukamela amaqanda ebululu ,bube busheshelezi ubudlelwane bethu.Nicabanga ikhona inkinga ngaloluhlobo lokuntela?
29 Oct 2019 6PM 4 min

Ukuziphatha kabi ngocansi nokusondela ngokwenyama phambi komshado

Uma sekuziwa ekusondalaneni ngokomzimba phambi komshado ,yikuphi la okungamele ngifike khona? Mina nesithembisana naye sithwele kanzima kulengxenye futhi asazi siwudwebe kuphi umugqa.Ningasiza ukucacisa ukuti lisuke liqonde ukuthini ibhayibheli ‘ngokungaziphathi kahle ngokocansi?
28 Oct 2019 6PM 4 min

Ukusondela kolahlekelwe ngothandiweyo wakhe ngokuzibulala

Ngingayenza kanjani inkonzo enhlizyweni kumuntu olahlekelwe yilunga lomndeni ngokuzibulala? Indodana yomngani wami engimkhonzile izibulele ,ngikhungathekile ukuba ngingathini kuye kumbe ngenzeni.Ningangipha usizo?
27 Oct 2019 6PM 5 min

Abazali abankamunkamu nomakoti nondodana

Singabugcina kanjani ubudlelwano nondodana wethu uma kungukuthi umakoti wakhe usevale bonke ubudlelwano nathi? Yisimo lesi esesibe kuso iminyaka, kanti kusiphula inhliziyo.Sesibacele kaningi ukuthi babhoboke, sabona ngani, ze silungise la esabona khona,kodwa abasho lutho.Bacacise obala indlela abafuna siphile ngayo nathi sifuna ukuyihlonipha.Kodwa sifuna ukuqinisekisa umakoti womatanethu nondodana ukuthi siyabathanda futhi izinhliziyo…
23 Oct 2019 6PM 4 min

Abazali baphikisana ukuletha usizo enganeni esikhulile

Ngakube mina nomnyeni wami siyisize yini indodana yethu esikhulile ikwazi ukubhekana nezinkinga zayo zezimali? Lokhu sekube ngumdonsiswano omkhulu emshadweni wethu.Isizimele kodwa iyehluleka .Uma ngithi mina asiyisize ngosizo oluncane lwezimali ,uyise uthi cha aisyiyeke imelwe ukufunda ubunzima bempilo .Mina ngikhathazekile ngayo.Nicabanga senzenjani?
22 Oct 2019 6PM 4 min

Izingane nobungani obuphilile

Ngingayisiza kanjani ingane yami ithuthukuse ubungani obuhle?Ngiyazi ukuthi kungalula kanganani enganeni ukwenza izinqumo ezi-wrong zabangani kumbe isungule amaxhama angemahle ngezizathu ezi –wrong.Yikuphi engingakwenza ukucaba indlela enhle kulendikimba ?
21 Oct 2019 6PM 4 min

Umehluko ongukhiye phakathi kowesilisa nowesifazane

Ngaphandle kwengaphandle elibonakalayo ,yini ingempela umehluko oqavile phakathi kowesilisa nowesifazane? Sengibe nokudideka okukhulu ngemiyalezo eshiwoyo ngobulili nangendlela okubizwa khona.Ngikholwa ngukuthi ukhona umehluko ebulilini bobubili odinga ukuchunyiswa ngendlela.Ngakolunye uhlangothi ngiye ngiphelelwe ngamagama uma abangani bami bethi angiwuchaze phela.Ningangisiza?
20 Oct 2019 6PM 4 min

Ukuhlelela ukulala kosana kunye no-mbhede womndeni

Uthini umbono wenu wokuba izingane zilale nabazali bazo ?Umngani wami ukholwa ngukuthi ‘umbhede womndeni’ ulusizo kulo lonke ilunga lomndeni.Uze ame ekutheni lenqubo ingavikela ukushona kwengane ngenxa yokucinana ancome nokunye okuhle kwezempilo .Ngakube uqinisile?
17 Oct 2019 6PM 5 min

Ubaba okhathazeke ngentombazana engena ebutshtshini esikluluza abafana

Ngakube intombazane eneminyaka engu 12 isencane kakhulu ukuqala ukukhombisa umcabango ngomuntu wesilisa?Mina nomnyeni wami sinombono ohlukene ngaloludaba.Indodakazi yami ivamisa ukuthi uma inomngani wayo sibabhadame bencoma abafana abahle.Ngokwami lokhu ngikubuka kuyinto ejwayelekile ekungeneni ekuthombeni.Umkhwenyana wami yena ukholelwa ngukuthi isencane kabi ukuqala ibe naleyomcabango futhi uma ikhula izokhalakatheka kweqe.Ngiyamhlonipha kakhulu umkhwenyana wami…
14 Oct 2019 6PM 4 min

Ingane enezinkinga ezingokuziphatha e-pre scool

Singenzenjani ukuba ingane yethu esepreschool ibambisane nothisha wayo ?Ivese ibe nenkani uma kuguquka izinhlelo kumbe uma uthisha eyicela ukumisa okuthile.Ifuna ukwenza izinto ngendlela yayo ngesikhathi sayo .Simyekisa kanjani lengqondo?
13 Oct 2019 6PM 4 min

Imithetho yokuziphatha ngendlela komndeni oxubile

Sinquma kanjani ukuthi abantu babizwe ngamaphi amagama emndenini wethu omusha oxubile? Umshado wesibili lo kimi nakumnyeni wami ,sobabili sinezingane ezino 3 weminyaka esashada .Lezingane sezizikuleyominyaka.Sezino 6 manje enye ino 7 .Mumva nje indodakazi yakhe isiqale ukungibuza ngo Mah.Ekuzweni kwalowo wesifazane owayagane lomnyeni wami kumphathe kabi lokho.Nathi samchazela, sethuke njengaye,njengokuba lomndeni…
10 Oct 2019 6PM 5 min

Osangena ebudaleni uzizwa engenathemba ngomshado

Njengoba imishado yonke iphetha ngokudivoza kungani kumele ngizikhathaze nokubophana nefindo ? Kunzima ukuphika isiphetho sokuthi isakhiwo somshado sesiphumile ubusona kulezinsuku ,asisasho lutho.Kukhona eningangitshela khona ukuguqula umqondo wami?
9 Oct 2019 6PM 5 min

Ukulingwa umthandazo nokuqapha kwamoya

Uma ngithandaza uNkulunkulu ngeke yini angivikele ekulingweni ? Nasi isizathu sokubuza kwami .Nakuba ngingazi ubungozi obungaseduze nomshado wami ngokwempilo yawo ,nokho ngisenovalo ,ukuthi ndlelana thizeni ,ngisengashelelela ngiwele ekuphingeni .Ngisanda kuzwa indoda ivuma ukuthi iwele kulesilingo nanxa ibithembekile emshadweni wayo ,nakuba ibizame kaningi ithandazela ukungaweli esonweni socansi .Lokho kungesabisile.Kungani uNkulunkulu enqabe…
8 Oct 2019 6PM 5 min

Ukukhetha ozoshada naye

Nginikeni uhla oluphathekayo ekuboneni ongaba ngumkhwenyana .Ngiqapheleni phambi kokuzibophezela ngithi :”I do’?
7 Oct 2019 6PM 3 min

Isithembu nokuthandwa ngabaningi - indlela yokubuka yezwi

Kungani ngingamukeleki ukuba nomndeni ozisekelo zayo yizwi uma kuwukuthi ngithandana nabaniningi besifazane ? Amadoda anqala ezwini –oAbraham Jakobe,Davide noSolomon –babenamakhosikazi amaningi .Ngokubuka iministry yenu egxilile ezwini ,angiboni lutho olwenza nimelane nezinto ezinjengesithembu nezingodosi .Ngizibona nginguMkhrestu othanda ukuba nezingodosi .Ngithanda abesifazane abathe xaxa ngesibalo impela ,akukho sizathu esingenza singakwazi ukwakha isisekelo…
7 Oct 2019 4AM 5 min

Amantombazane nabasefazane ekugqokweni kwamabhulukwe

Ngingalivumela itshitshi lami ligqoke ibhulukwe? Ngakhuliswa ekhaya labazalwane abanomthetho lakhona kwakaugcizelelwa ukugqoka ngesizotha kwamantombazane. Ukusho ngqo ,uMawami wangenza ngiqonde ukuthi amantombazane akumele agqoke ibhulukwe ,” owesifazane makangagqoki okwendoda ,nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane ,ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho” [Dut 22:5] .Kulezinsuku abesifazane sebegqoke amabhulukwe –hhayi nje ekhaya…
2 Oct 2019 6PM 4 min

Ukuxoxa nomuntu omusha ngokuzibulala komngani wakhe kumbe amjwayele

‘Ngixoxe kanjani nomfana wami osemusha ,mayelana nomngani wakhe osanda kuzibulala ? Lowomfana bebengaphezu kokujwayelwana naye ,manje ngiyazi lesisenzo siwuphulile umoya womfana wami ngokujulile.Ningangisiza ukungicija ukubeka kahle lesihloko kuye ?’
30 Sep 2019 6PM 5 min

Ukulingwa umthandazo nokuqapha kwamoya

Uma ngithandaza uNkulunkulu ngeke yini angivikele ekulingweni ? Nasi isizathu sokubuza kwami .Nakuba ngingazi ubungozi obungaseduze nomshado wami ngokwempilo yawo ,nokho ngisenovalo ,ukuthi ndlelana thizeni ,ngisengashelelela ngiwele ekuphingeni .Ngisanda kuzwa indoda ivuma ukuthi iwele kulesilingo nanxa ibithembekile emshadweni wayo ,nakuba ibizame kaningi ithandazela ukungaweli esonweni socansi .Lokho kungesabisile.Kungani uNkulunkulu enqabe…
30 Sep 2019 4AM 5 min
948 – 968