Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
828 – 848

Ubaba ukhungathekiswe yindodana efuna ukuzenzela izinto

Kungani undodana wami ehlale engafuni ngimfundise izinto ?Kusuka azalwa bengihlala ngisilindile lesikhathi lakhona ezobe esefundiseka ukwenza izinto zamadoda.Kodwa manje ngoba usemdala ngokwanele,akasafuni ngimfundise lutho.Mangithi ngiyazama ,uvese athi : “Baba khululeka ,ngiyakwazi ukuzenzela”. Akuyona ndlela le mina engabe ngicabange ukuthi ukuba ngu-baba kunjena .Ninazo izeluleko?
14 Apr 2020 6PM 4 min

Umama akankamunkamu ngenkonzo yekamelo

Ngakube likhona yini iphutha ukuthi ukungafuni ukwenza inkonzo ezikhathini eziningi njengokuba umnyeni ehlale yena eyilangazelela? Ngiye ngizame ukumhlangabeza ndlela zonke ,ngikwenze ngothando kunye nokuyibuka njengemfanelo,kodwa kukhona izikhathi lakhona ngehluleka ukuhambisana naye ngisho ngingazama kanjani engqondweni .Lokhu kusikhungathekisile sobabili.
13 Apr 2020 6PM 5 min

Owesifane ongena othandweni nendoda esikinatelwe zithombe zobunqunu

Ngakube ngiqhubeke yini nothando nensizwa esengithole ukuthi icwile ivele ngekhanda ezithombeni zobunqunu ezixakile ? Sisanda kungena othandweni nayo futhi amabombo abesezingxoxweni zomshado.Ngaphandle kwalokhu kuphela ,ungumuntu omuhle kakhulu kodwa ngiyazibuza ukuthi ekaze izithombe zakhe zobunqunu aziyilo yini uphawu lokungiphaphamisa.Nicabanga siqhubeke nohambo lwaluthando?
12 Apr 2020 6PM 5 min

Unkosikazi oshiya umsebenzi ukuze abheke ikhaya

Ninazo izeluleko mayelana nowesifazane obesesikhundleni esiphezulu kakhulu ,osebone kungcono asidele azoqhuba inkonzo yokuba ngumama ebantwaneni ? Unkosikazi usesonqenqemeni lokungena kulesosinyathelo .Singangena kusona kanjani ngendlela e-smooth? Sifike kulesinqumo sobabili emva kwamahora ngamahora sikhuleka ngaso ,sixoxa futhi,kodwa mina ngisenemibuzo nongabazane.Ngasizathu sinye ,esokuthi ngingaqiniseka kanjani ukuthi sizoba nezezimali zomndeni ezanele?
9 Apr 2020 6PM 4 min

Ukuqondisa izigwegwe kumele kuqale nini

Kunini lakhona okumele umzali aqale a-responde ezinkingeni zokuziphatha esigabeni sengane isencane ? Ngifuna ukuzwa umcabango wenu ikakhulukazi odabeni lwesikhathi esifanele –kunini la enicabanga kumele ngiqale ngiqondise izigwegwe enganeni yami? Njengosanda kungena ekubeni ngumama ngivulekile ukuthathatha inkombandlela nezeluleko kulengxenye .
8 Apr 2020 6PM 4 min

Amathoyizi anesihluku nezinhlelo ze-tv

Ngakube ngimelwe ukukhathazeka ukuthi indodana yami esencane ichitha isikhathi eside ibuka izithombe ezinesihluku sokulwa kunye nezimakethe ezigcwele isihluku ? Ngokubuka kwenu ,loluhlobo lwezinhlelo luthuntubeza kanjani ukuziphatha kwezingane ?
7 Apr 2020 6PM 5 min

Ingane enqathuzayo izishaye ngapha nangapha

Senze njani uma intombazanyana yethu ivese ivuke indlobane ingalawuleki sanhlobo isiwudlame lwangempela ? Ihlale njalo inenqondo eqinile [strong will] engasheshi ukuvuma into oyisho kuyona, kodwa mumva nje isebe sesimweni esisikhungathekise kakhulu la khona idlebelendele ngamalengiso .Kulesosimo usuke eshaya kwasani ephambi kwakhe ,ngisho naye imbala ezithanqaza .Yikuphi enikuphakamisayo?
6 Apr 2020 6PM 5 min

I-teen ifuna ukusiza umama abe nokuqonda ngezinguquko ebudlelwaneni babo

Ngingamkhombisa kanjani uMawami ukuthi angiseyona ingane manje nokuthi ubudlelwane bethu sebuguqukile? Besihlale sisondelene njalo,kodwa sekwehlukile manje njengoba sengiyi-teenager .Okunye amaphutha ami.Kwesinye ngiba nama –mood futhi ngiyazi lokho kuziphatha kuyamlimaza kwesinye isikhathi.Ngifisa sengathi ubengaqonda ukuthi akukhona ukuthi ngizama ukumlimaza kumbe ukumqhelisa .Yingoba ngibhekene nemicabango eminingi engqondweni yami.Okubanzima kakhulu ngukuthi ngiye ngingaqondi…
5 Apr 2020 6PM 4 min

Inkonzo yekamelo emva kokuhlinzwa isibeletho

Ngakube kungokwejwayelekile yini ukuthi umkhwenyana angabe esalangazelela inkonzo yekamero kuwe emva kokuhlinzwa amabele noma ukukhishwa isibeletho? Eminyakeni eminingana eyedlule ngake ngakhishwa isibeletho.Okuthe mumva nje ekutholakaleni komdlavuza webele kimi kwabe sekususwa ibele kimi ngokuhlinzwa.Lokho kunzima ngokwakho ,kodwa kuyedlulela kusukela ekuhlinzweni kokugcina ,umkhwenyana wami useqhelile kimina ngokwenhliziyo futhi ubukeka engasayingeni eyenkonzo yekamero…
2 Apr 2020 6PM 5 min

Ongumkhrestu ongashadile ubhekene nokubhajwa ekuhuhweni ngubulili obufanayo

NjengoMKhrestu o–single osekhulile ongakaze akhangwe ngubulili obehlukile ngisho nanomshado imbala, niphakamisa ,ngihlabele kanjani phambili nempilo yami? Ngiyakholelwa ebumqokeni bomshado ,futhi kahle hle ngingumuntu okumfanele ngokuphelele-Ngiyinsizwa ephakathi ko 20 nento weminyaka esebenza kahle futhi enentshisekelo yokusebenzela iNkosi.Sengithole ngokumangala okukhulu ukuthi ,ngikhangwa ngabobulili obunjengobami.Angikwazi ukusho ukuthi sekube ngubuhlungu obunjani kimina .Ngiyazi ukuthi…
1 Apr 2020 6PM 6 min

Isishabasheki esingumkhrestu ezinsukwini zokugcina

Uma kuyizinsuku zokugcina lezi ,kungani AmaKhrestu kumele athandaze aphinde azibandakanye kwezokwenza ngcono imiphakathi? Ama-ministry amaningi, njengale yenu ithi amakholwa mawahambise ivangeli ,akhulekele izisombululo zezinkinga ezinjengendlala nokuhlupheka,kusetshenzwe ukuguqula umthethosisekelo wezwe lethu .Nginenkinga enkulu kabi mina ngalokho.Ukulifunda kwami ibhayibheli ,nokuqonda kwami izinsuku zokugcina kungitshela ukuthi yisizukulwane sokugcina lesi futhi uKhrestu useyabuya masinyane…
31 Mar 2020 6PM 5 min

Ukulekelela izingane ebunzimeni bokungezeka kwezifundo

Ngakube kungumqondo omuhle ukuba izingane zibe kwezemidlalo .Ama class okudansa ,izifundo zomculo nokunye okuyimisebenzi eseceleni ngokwemfundo yabo yesikole kunye nemisebenzi yasekhaya? Okungakanani okwalezizinto osekukuningi kakhulu? Ningaphakamisa izinkombandlela ezinikana umqondo ophathekayo?
30 Mar 2020 6PM 5 min

Izidakamizwa nokuzibulala kwentsha

Bukuphi ubudlelwane phakathi kwezidakamizwa ,wuphuzo nokuzibulala kwentsha ? Yikuphi okumele sikwenze uma sisola ukuthi ingane yethu ikwinkinga -yokunye kwalokhu kuziphatha?
29 Mar 2020 6PM 6 min

Ingane enenkani ayifuni ukulala

Singamnqoba kanjani umankanise owutakalani wethu ukuthi alale ebusuku? Uhlala elwa nobuthongo kungakhathalekile kunjani,kunjalo nje ayikho into engamenza anqobeke alale.Ngisho singambeka kangaki embhedeni ,uyavuka .Ngizizwa sengathi ingqondo iyangibalekela ngenxa yokungalali. Yikuphi esingakwenza ngalokhu?
26 Mar 2020 6PM 4 min

Umzali oyedwana olangazelele ukusizwa, kanye nokuthola ozobambisana naye

Njengomama o-single nezingane ezintathu ezisencane,ngakube kuhle kimi ukufuna omunye umuntu ongaba yi-support kimina ukuthwala lomthwalo? Ngangivamise ukuzizwa nginelisekile ,kodwa umthwalo wokukuthwala konke ngingedwa ,uya ngokuya ungisinda.Ngisebenza fulltime ,ngiyafunda online futhi ,ngiphinde ngibe semsebenzini webandla engikulona.Zikhona izeluleko eninazo kumuntu osesimweni sami?
25 Mar 2020 6PM 5 min

Lithini ibhayibheli ngokuzixolela wena

Ukuzixolela ngakube kusezwini? Ngingenakusho imininingwane yonke ,kodwa ukwenzeka kwezinto kwangishiya ngithwele umthwalo.Ngiyakholwa nguKhrestu nokufa kwaKhe esiphambanweni ,kodwa kulesigaba ukholo lwami alubukeki lunamandla okuguqula imizwa yami.Uma bekuthiwa benisazi isimo sami beningaqonda kungani .Abantu bangitshela ukuthi ngidinga ‘ukuzixolela mina’ kodwa ngivese ngihleke uma besho lokho.Ngingubani ukuzithethelela mina ? Futhi kukuphi lakhona ibhayibheli…
24 Mar 2020 6PM 5 min

Intsha negebe lomuzwa wezocansi

Kungani uNkulunkulu wanika ama-teenager ukulangazelela okukhulu kwezocansi ,bese aphinde engaba esawanika indlela enempilo yokukunelisa ? Kubukeka lokhu kungekho -fair. Ezikhathini zasebhayibhelini abantu babeshada bebancane. Ngenxa yalokho ,kwakuyimpilo ukushesha ungene kwezocansi nokukhulisa izingane usemncane. Kodwa kulezinsuku ,abantu abaningi bayanyukubala uma ama- teenager eshesha engena ocansini. Kungani uNkulunkulu asinike lemizwa uma singeke…
23 Mar 2020 6PM 5 min

Imingcele enganeni egula ngengqondo esikhulile

Singasungula kanjani inqubo yokuziphatha ngengane esikhulile ,ephazamiseke engqondweni? Ngakube imingcele yethu imelwe ukufana naleyo yezingane ezejwayelekile? Kumbe kunendlela ekhethekile yesimo sayo?
22 Mar 2020 6PM 5 min

Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
19 Mar 2020 6PM 5 min

Impi yokugqoka ngokuhlonipheka kunye nezingubo kubazali nentsha

Ngibhekene kanjani nodaba lokuphikisana ngezezingubo namafeshini nondodakazi wami oyi -teenager ? Sekuphenduke impi yangempela ekhaya kwami. Ufuna ukuqhubeka ngenkani ukugqoka izingubo ezingenasidima,ezingafanele neziveza umzimba. Nginamahloni nokusho ukuthi zinto zini lezi afuna ukuzithenga zangasese uma sisuke sisetolo. Ngenze njani ?
18 Mar 2020 6PM 5 min
828 – 848