Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
808 – 828

Ingcindezi nokuzibulala kwamabhungu namatshitshi

Sengizwe kaningi ngenkinga yabasha abazibulalayo .Ngakube loluchungechunge olukhombisa ukuba kwabo nengcindezi ,lungenza ibhungu lami nalo libe kulencuphe yokuzibulala na? Yibuphi ubudlelwane obuphakathi kwengcindezi nokuzibulala? Ngingayitholaphi indawo engasiza undodana wami?
12 May 2020 6PM 4 min

Ukugqugquzela izingane ukunyakazisa umzimba

Yikuphi esingakwenza umfana wethu angade egqolozelene ne TV kodwa simbone futhi esemnyango enyakazisa nomzimba.Sikhathazwa umphumela wezempilo azoba nawo mayehlala ehleli nje .Singamshukumbisa kanjani anyakanyakaze,maside simbelesela nje hhayi ukuthela amanzi emhlane wedada.Akhona amasu eningasipha wona?
11 May 2020 6PM 3 min

Ukugcina umuzwa wocansi useqophelweni emshadweni

Indoda ingazigcina kanjani isogqozini locansi nomkayo emumva kweminyaka bashada? Uthi UJesu osebuke owesifazane ngenkanuko ,usemphingile enhliziyweni [NgokukaMathewu 5:28],manje kimi akuwenzi umqondo ngoba ukulangazelela kocansi kuhlale kuyimfihlo yokuzwayo.Intokazi enhle engiyiqalayo nje ukuyazi ivese ingihlabe umxhwele .Ngakwelinye icala unkosikazi wami angabi namxhwele ngoba vele sengiyamazi. Kuyazenzakalela ngemvelo ,ngisizeni bazalwane ngenze njani ngoba…
10 May 2020 6PM 5 min

Ukuhlela isikhathi sokuqala ukuthola abantwana makuqedwa ukushadwa

Mhalmbe singake siqale sizinze emshadweni bese kuyila sithola abantwana? Sisebasha nje sisekuma 20 s.Umakoti wami yila eqeda izifundo zakhe nami ngisasungula kahle ibhizinisi lami.Sisatatazela ,anginaso isiqiniseko sengikulungele ukuba wubaba.Kukhona umqondo eninawo osivuna ukuqala umndeni mase sizinzile
7 May 2020 6PM 4 min

Ukuthemba uNkulunkulu ezikhathini ezinzima

Uma izinto zingahambi kahle ngibambelela kanjani eNkosini? NjengoMKhrestu ngiyaqonda kumele ngibonge konke futhi ngibheke eNkosini ngezidingo zosuku nosuku.Nokho ngiqhamuka nyakenye esimweni esimanhlembethwane.Kulezikhathi ke ngimbonga kanjani uNkulunkulu? Ohlelweni Ezomndeni sizozama ukukuphendula kafuphi.
6 May 2020 6PM 4 min

Indoda nesimo sokungasebenzi

Ngakube ubaba ongasebenzisi’ mubi kunongakholwayo’,njengoba kungathi uPawuli ubeka kanjalo ku 1 Thimothewu 5:8? Angiqondi ngempela? Nginezinyanga eziwu 8 ngadilizwa ,okwamanje iholo lalayikhya litholakala kumama ngisho nangesikhathi ngisasebenza ngangehluleka ukondla ngelami lodwa.Manje ke abafundisi nabasakazi bathi yithi okumele sondle imindeni yethu.Kuyiva kimi lokhu ,nisho ukuthi iNkosi ingibona ngiyisahluleki?
3 May 2020 6PM 4 min

Ukubheka izimpendulo emkhulekweni

UNkulunkulu ukuphendula kanjani ukunxusa? Angiboni zithelo ezitheni ngokunxusa kwami ngomtanami owukhandalimtshelokwakhe.Futhi sekuguge amadolo.Kukhona yini la ngingakhuleki kahle ? Ngiwajikisele kwenye indawo amehlo kulezimpendulo na?
30 Apr 2020 6PM 4 min

Izimangaliso-izimpawu nezimanga zakulezinsuku

Ngakube niyakholwa ukuthi uNkulunkulu usazenza izimanga ? Amakholwa akholelwa ezimangalisweni athi simelwe ukwenza imisebenzi uJesu ayeyenza , ‘nemikhulu kuleyo” [Johane 14 : 12]. Abanye bakholelwa ngukuthi kwafika ekuphetheni okwezimangaliso sekugoqwa ngeThestamente Elisha . Kuthini ukubuka kwenu?
29 Apr 2020 6PM 5 min

Umshado emva kokuphela kwempilo

Ngakube ngiyoba ndawonye nomnyeni wami eZulwini ? Wedlule emhlabeni kulonyaka ,okwenze kwanzima ukuphila impilo ngaphandle kwakhe .Umngani wami ungiduduze ngokuthi angikubeke enhliziyweni ukuthi siyobonana nomnyeni wami eZulwini lusuku lumbe .Kodwa masisha omunye umngani wathi kimi ,cha ubudlelwano esinabo la abuyikufana mase siseZulwini ngokwamazwi ashiwo nguJesu .Kusuka lapho inhliziyo yami inkenkethe…
28 Apr 2020 6PM 5 min

Amantombazane amancane namaphupho ngosaziwayo

Ngakube kuhle yini entombazaneni esencane ukuba ithathwe ngosaziwayo abathile kwi-TV ? Undodakazi uyazifela ngabo useze wanameka izithombe zabo zagcwala ikamero lakhe lonke .Lokho okungenza ngiphatheke kabi ngoba angazi ukuthi inqubo yabo ixhumana kanjani nokuziphatha kwentombazane nowesifazane ngokwebhayibheli .Okudlulele ngukuthi angimfuni ukumbona elubekela empilweni naye ukuzokwangiwa yilama –Charmer avezwa kulabosaziwayo bamantombazane…
27 Apr 2020 6PM 5 min

Uguquguquko kwizimangaliso, kuphulukiswa kunye nokuphendulwa ngemikhuleko

Kungani uNkulunkulu ashaye esikhonkosini abuye ageje ngokwendlela aphendula ngayo ngokokunxusa kwethu lakhona sidinga umangaliso lwakhe ? Ngesikhathi ingane yami izalwe inenkinga enhliziyweni ,yayidinga ukuhlinzwa inhliziyo ngobuchule ,umthandazo wethu waphenduleka ngokumangalisayo.Kodwa ngesikhathi umnyeni wami yena kutholakale unomdlavuza ,isimo sakhe saqhubeka sidlanga ngelikhulu ishwa leli ,kwehlula siqhubeka simnxusela njengomndeni nabahlobo nebandla .Okwathatha…
26 Apr 2020 6PM 6 min

Ukusiza izingane zigweme uungena kwi-addiction yokusebenzisa amaphilisi aqeda izinhlungu

Ngingenze njani ukuqinisekisa izingane zami azibambeki kwizidakamizwa ? Kunesikhathi ngifunda ngokuthi kuqala kancane ngamaphilisi ezinhlungu enganeni kwesinye isikhathi.Kuyishwa ukuthi izidakamizwa zempela zitholakala kalula ngisho emagcekeni ezikole.Engifuna ukukwazi ngempela ngukuthi kungani intsha ifuna ukusebenzisa izidakamizwa .Nokuthi yiziphi izinyathelo engingazithatha ukuvikela ingane ukungena ezingozini zezidakamizwa?
23 Apr 2020 6PM 5 min

Unkulunkulu wethestamente elidala eqhathaniswa nowelisha

Kungani uNkulunkulu egcwele intukuthelo engaka kwiThestamente Elidala bese agcwale uthando kweLisha? Umngani wmai ongakholwa ungibuze lombuzo ukuze atshale imbewu yongabazane engqondweni yami .Ulethe impikiswano ethi ,indlela uNkulunkulu avezwe ngayo ezibhalwini akuyona emile futhi ebuye iziphikise yona ngesithombe sakhe.Lokho okungenze ngathi ukudla amathambo engqondo ngokuthe xaxa. Kukuphi okuvuna lomqondo ngokwebhayibheli?
22 Apr 2020 6PM 6 min

Ukusiza umndeni onengane edinga unakekelo olwehlukile

Yiziphi izindlela esingasiza ngayo umndeni onengane edinga unakekelo ukuze siwuthwalise ? Sinomnyeni wami ebandleni lethu sinomngani onengane engahambi kahle iyatengezela .Siyazi ukuthi lomndeni ubhekene nezinto eziningi kakhulu ,manje sifisa ukufaka isandla kuwona.Ukhona umqondo eningasipha wona ukwenza lokhu kangcono?
21 Apr 2020 6PM 5 min

Unkulunkulu nomuntu ngokokowesilisa nowesifazane-ubulili

Uma kungukuthi uNkulunkulu uqukethe ubulili bobubili kumbe uyibo bobubili – pho kungani abantu bengazikhetheli ubulili babo ngokuzithandela? Awuthi ngichaze engikushoyo . I-Focus On The Family ihlale ithi ukubuka kwayo ubulili ikusho ngokwezibhalo ezithi “ UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe .Manje akeningiqondise uma kungukuthi ngizwa ngandlebenye la ,lamagama “ ngomfanekiso” okubandakanya…
20 Apr 2020 6PM 6 min

Kusho ukuthini ukuthi -ukwenza konke ngokhrestu

Ngingenza konke ngoKhrestu” ngempela ? Ngaphandle kokuba nguMKhrestu oqinile ,ngisemusha ,ngigcwele umdlandla ,ngiyashisekela ngempilo .Okwenza ngibe nezinhlelo ezinkulu ,futhi ngifuna ukwenzela uNkulunkulu izinto ezinkulu . Uma ngikhuluma ,kuyangithokozisa lokho ,nabangani bami bayasho ukuthi hhayi nginamaphupho amakhulu impela. Uma ngicaphuna KwabaseFiliphu 4 :13 – “Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo” – baveze…
19 Apr 2020 6PM 5 min

Ukuhlukanisa phakathi kokufuna ukwazi kobungane ngokobulili

Njengomzali ngingabona kanjani ukuthi ingane ifuna ukwazi nje nokuthi kunini lakhona ubulili bayo seyijulile ngabo ngokungafanele? Izingane zami zisemnyakeni lakhona seziqale ukubuza imibuzo .Lokho akunankinga ngokwakho,kodwa futhi sezibuye zikhombise olunye uhlobo lwe-interest .Njengolunye usuku engabafica ,omunye edlala ukuba ngudokotela ,lokho okwabe kwethusana kakhulu,kithi sonke.
15 Apr 2020 6PM 6 min
808 – 828