Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
748 – 768

Hleze umkhwenyana wakho ubishe ezithombeni zobunqunu

Ngenze njani uma ngikholwa ukuthi umkhwenyana wami ubuka izithombe zobunqunu ezixakile? Kanginabo ubufakazi obuqanda ikhanda kodwa nginazo izinsolo eziseka lokhukwesaba enginakho.Uvese abhoke ngolaka uma ngike nje ngathi ngakhuluma ngalesihloko athi ngidlala imicabango nje .Ningiluleka nithini?
3 Aug 2020 6PM 5 min

Ozoba ngumkhwenyana kamama osenengane,akayiqondi impilo yengane

Njengoba kunendoda engiholeleka emshadweni nayo ,ngingayisisza kanjani ukuxhumanisa izinhliziyo nengane yami eneminyaka emi- 3?Uyayithanda akanankinga , futhi uneme kakhulu ngokuba nguyise kuyo(nayo ayikaze ibe nobudlelwane noyise ihhi).inkinga isekutheni njengoba angakaze abe nengane yakhe ,akaqondi ukuthi banjani otakalani.Uye athi uma eyizwa ingane ikwazi ukuphendula imibuzo embalwa bese ezitshela sekumele izilawule yona.Uma…
2 Aug 2020 6PM 4 min

Unkosikazi wami uyahlukumeza ngokwenyama

Ngiphendule kanjani kunkosikazi ode eba nomoya wadlame? Kanye nakabili ngonyaka mina nonkosikazi wami siye sibe nokuphikisana okuze kuphume esandleni .Ezikhathini ezithile ,usho izinto ezicofayo ngami okubandakanya ukuthi ,’ngiyakuzonda’.Ngiye ngibeke phansi umoya ,lokho okugcina kumenza agcine esenodlame imbala.Angijikijele ngezinto aze azame ukungishaya angikhahlele .okwamanje angikaze ngibhekane nokulimala okukhulu ,nokho ngikhathazekile uma…
30 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikamama

Kuyenzeka ngempela ube ngolwela ukuphila, ube futhi uvumelana nokuhushula esimweni lakhona impilo kamama isencupheni ? Kuthini ukubuka kwenu kulumbuzo wezobuqotho onzima ?
29 Jul 2020 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Yikuphi esidinga ukukwazi kuqala uma sizo adopter umntwana oseke wahlukumezeka? Sicabanga uku- adopter ingane engaphansi kuka 2 weminyaka eyasuswa kubo isenezinyanga ngenxa yohlukumezeko .Ibisabekwe kwi-system ye foster care unyaka wonke odlule .Yikuphi okuyincuphe esizibeka kukho ?
28 Jul 2020 6PM 5 min

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Kukhona kodwa engingakwenza ngendoda enqaba ukuthola umsebenzi ? Sineminyaka ewu 12 sishadile ,kwewu 10 yonke ubezihlalele ekhaya engenzi lutho lonke usuku ngesikhathi mina ngisemsebenzini .Akafaki lutho ekhaya nasemndenini wethu .Kuye akuthi shu .Enye yezingane zethu yatholakala nesifo okubizayo ukuselapha manje umsebezni wami wodwa angeke ukwazi ukubhekana nalezondleko.Nanxa kunjalo ufuna ukuqhubeka…
27 Jul 2020 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Ningangisiza nomkhwenyana wami sihlele izimpokophelo zempilo ngokwezimali ezihambisana nathi sindawonye? Akukudala sishadile,umkhwenyana wami useqalile ukukhuluma ngokuthenga umuzi nokusungula isikhwama somhlalaphansi.Kanti mina ngisakhathazwe nje uku- renta nokudla .Kuyaphatheka akushoyo ? Ngakube ngizikhathaza ngobala? Ikhona yini indlela yokubhalansisa lokhubuka kwethu ?
26 Jul 2020 6PM 5 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Kusemqoka kanganani ukuhlale kuhlale umndeni ube nethuba lokuxoxa? Emshadweni wethu ukuxoxa sekube yingwadla eside isikhathi,kodwa mumva nje sengiqaphele ukuthi lenkinga isithungele nasezinganeni: kubukeka akasekho layikhaya onesikhathi sokuxoxa nomunye.Angazi lokhu kwenzeke kanjani ,futhi ngiyamangala ngokukushoyo ngempilo yomndeni kwezobudlelwane.Kodwa ngingenze njani ukucima lomhlolo?
23 Jul 2020 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Ngingamenza kanjani umkhwenyana wami aqonde ukuthi angiyena umuntu ofuna ukuba senkonzweni njalo njengaye? Uma ngimtshela angikho semoyeni wenkonzo ,uvese acasuke athi ,ziningi kabi izinto naye angenzela zona noma engekho semoyeni ngalesosikhathi -njengokuya emsebenzini,ukusiza emsebenzini wasekhaya ,nokuwasha izitsha.Ngizamile ukumtshela ,akuyona into efanayo leyo ,kunalokho akangikholwa futhi akangilaleli .Kukhona okungalungile kimi?
22 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuhuheka phakathi kwabangani abashadile

Ngibhekane kanjani nomuzwa o-romantic esingiwuzwa ngonkosikazi womngani wami omkhulu? Mina nalowesifazane sisanda kubona komunye nomunye ukuthi sinokuhuhekelana nokuthi sesidinga ukwakha udonga ukuze sivikele imishado yethu,kodwa asazi sikwenze kanjani lokho .Mina nonkosikazi wami singo business partners kunye nalabashadikazi kuyo yonke leminyaka elishumi .Kukhona eningakuphakamisa?
19 Jul 2020 6PM 4 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
16 Jul 2020 6PM 4 min

Umkhwenyana ohlulwa ukuthethela unkosikazi

Ngingadlula kanjani ebucayini bomkami enza ngabo, futhi ngikhohlwe okuningi okuhlasimulisayo akusho kimi phambilini ? emva kweminyaka sisemshadweni,sengifike lakhona ngingesenakukuthwala.Angikholelwa kwisahlukaniso ,yikho sesiphila impilo eqhelelene sibe sindlwinye ,naye uzilalela kwelakhe ikamero.Manje ufuna ngimthethelele ukuze sihlabele phambili nomshado wethu ,kodwa ngokwami akukho kalula kanjalo nje .Amagama akhe ahlabayo asenkenketha emicabangweni yami ,futhi…
15 Jul 2020 6PM 5 min

Umama nobaba baphikisana ngokuqondisa izigwegwe enganeni

Singafika kanjani ekuvumelaneni nonkosikazi wami mayelana nokuqondisa izingane? Ngizamile ukufundisa indodana yami uqondiso oluqinile,kodwa unkosikazi wami uhlale ephikisana nezindlela zami. Uthi nginesandla esiqinile kumfana.Njengoba ungazicabangela,lokho kungaba yisilonda emshadweni wethu.Ngingafeza kanjani engikholwa kuyiqhaza lami njengobaba emshadweni wethu ngibe futhi ngiqhubeka nokwazisa umkami nezimvo zakhe?
14 Jul 2020 6PM 5 min

Ukuqhubekela phambili emva kokushonelwa ngothandiweyo

Ngingenzenjani ukunqoba usizi olungengamile emva kokufa komnyeni wami ? Walwa nokugula eminyakeni yokugula kwakhe emibili.Ngenxa yalokho impilo yami yonke yabe isingukunakekela yena . Manje lowomzabalazo usudlule , ngizizwa ngiyigobolonde nosizi. Angazi ngijikele kuphi kumbe ngenzeni elandelayo .Ningangisiza?
13 Jul 2020 6PM 5 min

Ukubuka ukugembula ngokwebhayibheli

Ngakube ngempela ibhayibheli lithi kubi ukugembula? Ngiyabona ukuthi nakho kunjengoku dansa nokudlala amakhadi –amakholwa aqinisa kakhulu, amelene nakho.nokho angikholwa kunezisekelo zezwi azisebenzisa ukumelana nakho mina engikubuka kuwumdlalo nje ongenabungozi.
9 Jul 2020 6PM 6 min

Imikhakha yezemfundo ethatheka njengengeyona eyabesifazane

Uma kuwukuthi kusemqoka ukuhlukanisa umehluko ngokobulili-engikukholwayo kunjalo-singayikhuthaza yini indodakazi yethu esesikoleni ,ekucabangeni ukukhetha umkhakha othathwa njengowabesilisa ngokwenjwayelo? Le ntombazane yethu ihlale ikhuluma ngokuba umcimimlilo mayesikhulile.Kweminye imiphakathi ezikhululekele ngeke ibe nenkinga nalokho kodwa kithi esingamaKholwa omthetho kakhulu kwenza ngide ngizibuza: engabe impokophelo yaloluhlobo iyahambisana yini nowesifazane ngokwasebhayibhelini? Ngizame yini ukuthatha amehlo…
8 Jul 2020 6PM 5 min

Ibhayibheli nocansi phambi komshado kunye nokuziphatha ngokozwecansi

Yikuphi ngempela la khona ibhayibheli lithi kuyicala ukulala ngaphandle komshado? Abazali bami bahlala bengiyala njalo ngokuthi izwi lisiyalela singayi ocansini phambi komshado.Manje ngoba sengikhulile sengikwazi ukuzicabangela ,sengiqala ukuyingabaza leyonto.Angikakaqondani nento ebhayibhelini evumelana nalombono wabo.Okwedlulele ukuthi angikatholi simo lakhona ibhayibheli likhuluma ngomshado wasesontweni! UIsaka no Rebheka abazange bashade esontweni.Bazihlanganela bazilalela kwaphela…
7 Jul 2020 6PM 5 min
748 – 768