Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
768 – 788

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Singathembela kuNKULUNKULU ezidingweni eziphathekayo kubantwana bakhe abathembekile? kwabaseFiliphu 4:19 kubukeka ethembisa kanjalo .Selokhu ngalahlekelwa ngumsebenzi nganamathela kulelivesi,kodwa alibukeki lingisize ngantoni nomndeni wami. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule silahlekelwe umuzi wethu,imoto nezinto eziningi .Kube nzima kakhulu lokhu kodwa okweqile imibuzo okunginike yona engqondweni.Ngibonile ukuthi amaKhrestu amaningi athembekile endulo aphila nanxa izidingo zawo zingafezekile.Anqubuzana…
6 Jul 2020 6PM 5 min

Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala

Ngingazimisa kanjani ekuzizweni nginecala futhi ngimelane nesilingo sokuba ‘umama ozibambe zonke’ ? Ngingumama osebenzayo onengane ese crèche nezinye esezisesikoleni ezidinga ukunakwa ngemisebenzi eminingi yesikole.Kumele ngivume ukuthi ngizizwa kabi uma ngingenzi into ewukuya phambili.Inhlelo zomndeni ziningi ,futhi kuningi okudinga ukwenziwa ,yikho ngizibona ngiphoqelekile ukusebenza –kwesinye isikhathi okubandakanya ukwenza izinto eziningi sikhathi…
5 Jul 2020 6PM 5 min

Uwakwakho Uthola Izithombe Ezimhuha Ngocansi

Ngibhekane kanjani nesimo lakhona uwakwami ethola imiyalezo ehuhanayo nengalungile kw- social media? Ngizithele kulokho ekhasini lakhe ,kusukela lapho ngikhathazekile.Ngenzenjani ngalesisimo?
2 Jul 2020 6PM 5 min

Ukukhuleka Ndawonye Njengomnden

Singawenza kanjani umthandazo womndeni ube seqhulwini ? Siwumndeni okholwayo ,mina nowakwami sishisekela ukukhulisa izingane zethu ngezindlela zeNkosi.Ningasipha izinkombandlela ezingasisiza kulengxenye yempilo? Izingane zethu zisencane okwenza kube nzima ukubabandakanya emthandazweni . Nicabanga siqhubeke sizame? Kumbe silinde baze bakhule?
1 Jul 2020 6PM 5 min

Igunya Lobuzali Enganeni Esikhulile

Ngingazi kanjani ngokungangabazisi ukuthi ingane yami iyinhlwa yenhlekisa kwimiqhafazo kumbe amahebezi amabi kwi social media? Zikhona yini izimpawu ? Uma kuwukuthi ngempela ingane yami yenziwa umantindane kwezokuxhumana ,ngingayisiza ngani mina?
30 Jun 2020 6PM 6 min

Igunya lobuzali enganeni esikhulile

Manje njengoba indodana yethu isangaphezu kuka 18 ,iqhubeke isithobele? Ibhayibheli lithi izingane ‘azilalele’ futhi ‘zithobele ‘ abazali bazo (kwabase Fesu 6:1 , KwaBase Kolose 3:20 ) ,kodwa yena uthi ngoba usemdala lomyalelo awusaqondile kuyena.Nizwa kanjani lendaba? Kukusiphi isigaba lakhona ingane esikhulile esuke isizimele khona ngokuphelele ingasaludingi ulawulo lwabazali?
29 Jun 2020 6PM 4 min

Ukukipita nesoka elihlukumezayo

Ninazo izimpendulo ngomuntu ogaxele ebudlelwaneni obuyimbidlizo? Esokeni lami leminyaka eyisithupha ngiqeda kuthola nje umntwana. Besihlala sinqubuzana ,kodwa ligaye ngomunye umhlathi ,nje ,ekutheni sihlale ndawonye onyakeni nengxenye odlule.Icebo lethu kwakuwukuhlanganyela izindleko ze-rent nokunye,okugcine kwenziwa yimi konke.Kade ngangifuna ukuphuma kulesimo.Kodwa kuthe mangikhulelwa ngabona kusemqoka ingane yami ikhule siwumndeni.Sisendawonye namanje kodwa izinto zimaxhapheshu.Uyangihlukumeza…
28 Jun 2020 6PM 4 min

Izindlela zokubhekana nobudlelwano obu online

Uthini umbono wenu ngokungena othandweni online? Ngineminyaka nje eko 20 manje kunentokazi engihlangane nayo kwi –internet .Ihlala kwesinye isifundazwe sesinakhashanyana sixoxa nayo ngocingo kusuka sahlangana. Sobabili sizimisele ukuhlumisa lobudlelwano bethu ,kodwa inqaba asikaze sibonane ngobuso .Ninazo iziyalo siqhubeke kanjani?
25 Jun 2020 6PM 4 min

Ukukhuthaza imikhuba enempilo ekhaya

Ngingawusiza kanjani umndeni wami ube nenqubo yokuzigcina uphilile? Sinezingane ezincane ,futhi ngithanda konke engingakwenza kuleminyaka sisaqala ,ukukhuthaza wonke umuntu layikhaya –umama-ubaba nezingane ukuqopha umkhuba oyosigcina siphilile sijabulile qede usiphe iminyaka emide sindawonye.Ningangipha amasu okwenza lokhu?
24 Jun 2020 6PM 5 min

Ukubhekana nowakwakho osewadlula ngokuba

Ngibhekana kanjani nomkhwenyana ongenandaba nesikhathi? Kuyo yonke into uhlale e late ngaphandle kwasemsebenzini.Ngiyazi akulona icala lami ,kodwa kwenza namI ngibe late uma ngihamba naye ,lokho okudicilela phansi isithunzi.Okusemqoka ,ukuthi ukuqhubeka kwakhe nokuba late kwenza bangasihloniphi abantu futhi sibalindise njalo nje . Umngani wami uthe angiyizibe lenkinga ukuze kube nokuthula emshadweni…
23 Jun 2020 6PM 4 min

Ubaba odiniwe, indodana ediniwe

Ngingancedakala kanjani ekulawuleni ukucasuka kumadodana ami? Umkhwenyana wami uzalwa olibweni olude lokhokho ababehlala bediniwe ,sengiqala ukubona nezingane zami zingena kulowomgudu.Ngenzenjani?
22 Jun 2020 6PM 5 min

Kungani incwadi yomshado nomshado ubalulekile

Kwenziwa yini amakholwa egcizelela ukuba ‘nalelipheshana’ okuthiwa incwadi yomshado ukuze umshado wabo ube semthethweni? Mina nesancinza sami siyakholwa futhi sizimisele ukuba ndawonye impilo yethu yonke.Side sizibuza kungani kumele senzane nencwadi yomshado .Umshado kanti awukho yini phakathi kwabantu ababili ,isivumelwano sabo ngqo? Uma nivumelana ngokomoya pho uhulumeni ulandeni? Uma sihambisana sivumelana…
21 Jun 2020 6PM 4 min

Ukukhulelwa ungashadile qede umfana anagfuni ukuba ngubaba

Isoka lami ngingalikhuthaza kanjani liqonde sekuyaphoqa libe ngubaba?Inyanga yokugcina le ngikhulelwe ,kodwa kuze kube manje akukho akwenzayo.Wangiqonda ngqo!wangitshela emehlweni ukuthi akakaziboni ewubaba.Emva kweminyaka emibili usede eqhela kimi ,bese ngithi mhlampe ingane izosihlanganisa.Ngimdinelwe ,futhi ngifuna ukuhlukana naye ,inkinga nje ingane.Angikwazi ukukhulisa ingane yethu ngedwa ,ngisho kuthiwa ngingakwazi angeke ngikwenze .Ningangisiza?
18 Jun 2020 6PM 4 min

Ukunqubuzana nokuklwebhana kwezingane

Singamisa kanjani ngamadodakazi ethu enye ino 13 enye ino 7 weminyaka Bengahlali belwa.Ngibona imiphumela yakho konke lokulwa kwabo iyogcina inokulimala .Siwumndeni okholwayo ngakho ke sesibafundise kaningi ukuba mnene ,nothando nokuthethelelana .Emva kwalesosifundiso baye bathembise bazoshinstha kodwa emva kwesikhathi ubone ukuthi bekuyiculo nje.Kunini lakhona okumele sibone lokhu kulwa kwabo, sekuphimile esandleni…
17 Jun 2020 6PM 3 min

Umkhwenyana wami uhlukumeza izingane zami ngamazwi nengaphakathi

Umkhwenyana wami akakaze asihlukumeze ngokomzimba ,kodwa uhlale njalo engcofa izingane ukuba zizizwe zingelutho.Isibonelo ;uzitshela ziyiziphukuphuku namavila.Umfana wethu akamkhuthazi kwezemidlalo.Utshela undodakazi ukuthi mubi unemicondo .Ziyazama izingane ukumziba ziqinise ubuso kuye.Kodwa mina ngiyabona izingqondo zazo ziyezwela kulokhu kugxekwa.Ngifuna ukuzisiza kodwa ngifuna futhi ukuba umama othobekile.Ngikhathazekile uzophendula kanjani uma ngimqonda .Ngenzenjani?
16 Jun 2020 6PM 4 min

Sivikela kanjani intsha ekuzifakeni ocansini online

Yiziphi izinto engingazenza ukuvimba umuntu omusha wami angazifaki ocansini ngemiqhafazo?Ngikhathazekile uma ngifunda ukuthi izinga likhula kangakanani ezinganeni ezithe shi kulolubishi ngama –phone.Ngiyaqonda futhi ukuthi imiphumela ingaba ngenzulu.Ngakolunye uhlangothi angazi ukuthi yini engingayenza ukuvikela lesisimo.Nicabangani?
15 Jun 2020 6PM 4 min

Umama ofuna uthande yena yedwa noma usumdala

Ningangiluleka nithini ngoMawami onomona ngami ufuna ngiphathwe nguye kuphela?Nakuba nami sengagana ngathola nezingane zami kodwa nje usangiphathisa okwengane . Mina kuyangijabulisa ukunamathela kuye kodwa yena uyeqisa,futhi ufuna sibe ngabangani bomhlaba! Uze anyukubale uma ngizihlalele nobaba kumbe amanye amalunga omndeni.Ngisho omalume no anti makunezipho abafuna ukungijabulisa ngazo yena uhlale efuna sengathi…
14 Jun 2020 6PM 3 min

Unkosikazi ongenkamunkamu nezingane afice umkhwenyana enazo

Unkosikazi engishade naye manje akanaluzwelo ngezingane zami engangizithole konkosikazi wokuqala.Sezizonke izingane zethu ziwu -4 –Eziwu 2 ezami zomshado wokuqala-eziwu 2 ezethu kulo-Kodwa ukhonze ezizalwa nguye kuphela.Sisaqala wayekhombisa ukuzimukela,kodwa manje akasazizwa sanhlobo enhlizyweni yakhe.Loluhlobo lwento luyenzeka kuyo yonke imindeni enabantwana abahlukene? Ngenze njani ngalesisimo?
11 Jun 2020 6PM 4 min

Ukubuyisa ukuthembana emshadweni

Singenze njani ukubuyisela ukuthembana emva kweminyaka ebe nezimo ezibuhlungu emshadweni wethu ebezidinga ukuthethelelana sobabili? Singakubuyisa kanjani ukuthembana ebudlelwaneni bethu?
10 Jun 2020 6PM 5 min

Ubuzali obuqotho phakathi ezihlotsheni eziziphilelela ngenkambo ephansi

Ingempela ngempela sizikhulisa kanjani izingane zethu la khona abangani nozalo bephila ngendlela ephambene nezinkambiso zethu? Singumndeni oqatha okholwayo sifuna izingane zethu ziphila ngenkambo yobuKhrestu.Nokho akusibo bonke abaphila njengathi,ngisho o anti,obaba nomakhelwane bamelene nenkambo yoBuKhrestu futhi bafuna ukukhipha konke esikufaka ezinganeni zethu.Senzenjani kulesosimo?
9 Jun 2020 6PM 3 min
768 – 788