Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
508 – 528

Isishabasheki esingumkhrestu ezinsukwini zokugcina

Uma kuyizinsuku zokugcina lezi ,kungani AmaKhrestu kumele athandaze aphinde azibandakanye kwezokwenza ngcono imiphakathi? Ama-ministry amaningi, njengale yenu ithi amakholwa mawahambise ivangeli ,akhulekele izisombululo zezinkinga ezinjengendlala nokuhlupheka,kusetshenzwe ukuguqula umthethosisekelo wezwe lethu .Nginenkinga enkulu kabi mina ngalokho.Ukulifunda kwami ibhayibheli ,nokuqonda kwami izinsuku zokugcina kungitshela ukuthi yisizukulwane sokugcina lesi futhi uKhrestu useyabuya masinyane…
28 Jun 2021 6PM 5 min

Izidakamizwa nokuzibulala kwentsha

Bukuphi ubudlelwane phakathi kwezidakamizwa ,wuphuzo nokuzibulala kwentsha ? Yikuphi okumele sikwenze uma sisola ukuthi ingane yethu ikwinkinga -yokunye kwalokhu kuziphatha?
27 Jun 2021 6PM 6 min

Umzali oyedwana olangazelele ukusizwa, kanye nokuthola ozobambisana naye

Njengomama o-single nezingane ezintathu ezisencane,ngakube kuhle kimi ukufuna omunye umuntu ongaba yi-support kimina ukuthwala lomthwalo? Ngangivamise ukuzizwa nginelisekile ,kodwa umthwalo wokukuthwala konke ngingedwa ,uya ngokuya ungisinda.Ngisebenza fulltime ,ngiyafunda online futhi ,ngiphinde ngibe semsebenzini webandla engikulona.Zikhona izeluleko eninazo kumuntu osesimweni sami?
24 Jun 2021 6PM 5 min

Intsha negebe lomuzwa wezocansi

Kungani uNkulunkulu wanika ama-teenager ukulangazelela okukhulu kwezocansi ,bese aphinde engaba esawanika indlela enempilo yokukunelisa ? Kubukeka lokhu kungekho -fair. Ezikhathini zasebhayibhelini abantu babeshada bebancane. Ngenxa yalokho ,kwakuyimpilo ukushesha ungene kwezocansi nokukhulisa izingane usemncane. Kodwa kulezinsuku ,abantu abaningi bayanyukubala uma ama- teenager eshesha engena ocansini. Kungani uNkulunkulu asinike lemizwa uma singeke…
23 Jun 2021 6PM 5 min

Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
22 Jun 2021 6PM 5 min

Ukusiza ingane ibhekane nempilo yesahlukaniso

Ngingawasiza kanjani ama teenager ami abhekane nokuklayeka komshado wami? Kubuhlungu kithi sonke,kodwa ngikhathazeke kakhulu ngondodana wami omdala .Kusuka uyise wangishiya emva konyaka,ubukeka ezifaka engcindezini enkulu ukuba yindoda layikhaya.Lokhu kunzima kakhulu kuyena ngoba ngonyaka ozayo ubebheke ukuya e –university .Manje ubona kumphoqa alekelele ekhaya.Ngenze njani ngaye nazo zonke ezinye izingane?
21 Jun 2021 6PM 5 min

Ukuthandana ngenhliziyo kunye nobungane obuqhubekayo

Ngakube mina nomnyeni wami sibunqamule ubungani nenye i-couple ngenxa yokuthi nje lendoda nami sivese sangena ekuthandaneni ngokwenhliziyo kuphela ? Sekwadlula manje,futhi nowakwami nonkosikazi walendoda bathatha isinqumo esiqinile , esigcwele umoya wokubuyisana kuyo yonke lento eyenzeka.Ngazizathu thizeni ,sesamisa nokuhlanganyela ndawonye okwesikhashana.Ngisho ngokwethembeka nje ,sekube yingxenye le ebe ngenzima kulo lonke loludaba.Kungukulahlekelwa…
20 Jun 2021 6PM 5 min

Inkambo enhle yobukhrest iqhathaniswa nengcindezi yezocansi

Ngakube ukuziphatha kahle ngokwezocansi ngokobuKhrestu akunampilo futhi akukho oemvelweni? Ngingowesifazane ozama ukuphila impilo emsulwa ,kodwa owesilisa engingena naye othandweni uhlala njalo engicindezela.Uthi umuzwa wami ngobumsulwa kwezocansi kungumuzwa nje ongenampilo wokwesaba –ngokuthi ngokuzama ukugculisa uNkulunkulu ,ngilahala ubuhle bemvelo nezinjabulo zokuphila njengokokuba uNkulunkulu wazidala .Ngiya ngokuya ngikuthola kunzima ukumphendula uma ekhuluma ngalendlela.Ningangipha…
17 Jun 2021 6PM 5 min

Ingane izibuza ukuthi engabe izilwane ziyaya yini ezulwini

Ngakube izilwane zami o-doggy doggy bayoya nami eZulwini? Ngiphatheke kabi ngoba inja yami isandanakufa .Sesibe naleyonja ekhaya ,kusuka ngazalwa ,manje angiyiboni impilo eyoba mnandi lo -doggy doggy engekho .Ngike ngabuza uMawami ukuthi soyibona yini eZulwini ,uvese wathi angiyobuza uthisha wami kasontoskole,ovese wathi yena ,cha iZulu elabantu akulona elezilwane.lokho kungiphathe kabi.Nicabanga…
16 Jun 2021 6PM 5 min

-DELETED- Abazali bakhathazekile nge-homework eningi

Ngenze njani uma ingane yami esafunda e-primary ine- homework eningi kakhulu ,okugcina kwehlisa nesikhathi sokuba ndawonye siwmundeni? Njalo ntambama uba namahora amaningi awasebenzisa enza ama-assignment. Ngokokubuka kwami kwamanje akathathi kancane ekuqedeni emsebenzini. Yingoba muningi kakhulu umsebenzi wakhe. Ngakube wonke lama –homework amangaka adingekile ekufundeni nasekuthuthukeni kwempilo yengane esakhula?
16 Jun 2021 6PM 5 min

Ukubuka ngokwebhayibheli ukuzikhipha ekwakheni nabantu

Nicabangani ngamaKhrestu athatha inqubo yokuzikhipha kubantu ayokwakha wodwana?Adayise imizi yawo ,ayokwakha ehlane wodwa ezintabeni,alayishe ukudla ,ayozitshalela izitshalo zawo ,ayophila njengabasunguli bese elwela ngawo wonke amandla ukuzimela kwinqubo yokuphila yomhlaba? Baninganyana abantu engibaziyo asebethathe lendlela.Angibaphikisi ngokuphelele ekugcineni,ngikholwa sonke singangcono uma singathi ukuzihlubula ubuntofontofo bobumnandi bempucuko bese sifunda ukuphila ngendlela elula nje…
15 Jun 2021 6PM 5 min

Ukubuka ngeso le-bhayibheli ukungena komkhrestu kwi-fine arts

Ngokokubuka kwebhayibheli ikhona indawo evumelanayo ne-Arts kulona, kumbe yintshisekelo nje yabantu bezomhlaba ? Singabona kanjani i-art enhle nembi? Indodakazi yethu ,ingumfundi we-art e university ,manje sinokukhathazekela ukuthi imosha nje amandla nesikhathi sayo.Ikakhulukazi sikhathazeke kakhulu ngengxenye yezokuziphatha kulokhu ekwenzayo-iclass lakhe elingokudweba izithombe zasekuphileni limdinga adwebe abantu abanqunu benotho abalwenzayo! Ninomuzwa onjani…
14 Jun 2021 6PM 5 min

Ukulawula ukudinwa kuma-teenager

Ngingamsiza kanjani undodana wami oseyi-adoloscent ukuba abhekane nokudinwa kwakhe? Kulula ukuphawula ukuthi uthukuthele kakhulu ngokuthizeni,kodwa nginomuzwa oqinile wokuthi ,uyayivalela ayicindezele imizwa yakhe yenhliziyo.Ngizamile ngebengingakwenza,ngehluleka ukumenza akhulume ngayo. Ngenze njani?
13 Jun 2021 6PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 2 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubengi – shendeza. Njengokuba nani ningazicabangela, kungikhungathe kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe, namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje, futhi angikazi ngenze njani. ningangipha indlela?
10 Jun 2021 6PM 5 min

Uthole ukuthi uwakwakho ube neshende - (Part 1 of 2)

Ngisanda kuthola ukuthi uwakwami ubene shende .Njengokuba nani ningazicabangela ,kungikhungathekise kanjani ukuthola lezondaba zokungethenbeki kwakhe ,namanje angikasanguluki ekuthukeni. Angikamqondi okwamanje ,futhi angikazi ngenze njani .Ningangipha indlela ?
9 Jun 2021 6PM 5 min

Ukungqubuzana kukaBaba nondodakazi

Ngingakuletha kanjani ukuzwana phakathi kwe- teenager yethu nomnyeni wami? Njalo uma uyise emlanda esikoleni kuba ngukuthi uqala impi naye kumbe amnike inkulumo ende ukumtshela ukuthi wehluleka kangakanani ezifundweni zakhe.Bese undodakazi akhulume kimi ediniwe kumbe ekhala .Amabanga esikole asehlale eyinkinga kundodakazi wethu, futhi ngiyaqonda ukuthi simelwe ukwenza konke esingakwenza ukumgcina ekhaliphile…
9 Jun 2021 7AM 5 min

Ukubhekana nentsha engamavila

Ngingawagqugquzela kanjani ama teenager ami amabili angamavila?Awakwazi nokungisiza ngomsebenzi wasendlini, futhi bayaziba kuze kube ngumzuzu wokugcina kuyila enza umsebenzi wawo wesikole. Njengomzali ongayedwana angibi nawo amandla okubafaka ngempoqo emsebenzini.Ikhona yini indlela yokunqamula lenqubo kubona?
7 Jun 2021 6PM 4 min

Okumele ukucabange phambi kokuqhelelana

Ningakukhuthaza ukuqhelelana emshadweni ozizwa usufike kwangqingetshe? Iminyaka eminingi umshado wethu ubhekene nesifo esiqhubekayo sokulimala ekujuleni.Ngaphansi kwalesisimo, ngizibuza engabe kungcono yini ukuqhelelana okwesikhashana. Ngakolunye uhlangothi ngikhathazeke ngezingane zethu. Nicabanga senze njani?
7 Jun 2021 6AM 4 min

Ingane ehlale iqaphile kweqe

Ngakube simelwe ukukhathazeka ngengane esabayo ukuthatha ama risk kweqe? Umnyeni wami ucabanga simelwe ukuqinisa isandla impela -iphoqwe ukubhekana nesimo sokwesaba kwayo.Mina nginomuzwa imelwe ukunikwa ithuba ize ibe nokuzethemba ngokwayo. Nibona ndlelani ?
3 Jun 2021 6PM 5 min

Ingane enovalo ngokuba yodwa

Singabhekana kanjani nomuzwa wovalo olukhulu kwindodana yethu eno 8 weminyaka ukusala yodwa? Ilala ekamerweni elilodwa nodadewabo ngoba yesaba ukulala yodwa .Ngeke umthole edlala yedwa ekamerweni lakhe ngaphandle uma kunomuntu khona .Esikhathini esiphambilini wake wazama ukuba yedwa ,wayevevezela [ejuluka ehefuzela ] .Uhlakaniphe kakhulu ,wenza kahle esikoleni impela ,udlala nekeyboard namadrum nezemidlalo…
2 Jun 2021 6PM 5 min
508 – 528