Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
488 – 508

Ukufundisa izingane inhlonipho esikhathini engangenwa khona

Emphakathini nasesikhathini esiphila kuso inhlonipho isiphenduke inganekwane, manje-ke wenze njani mawufuna ukukhulisa eyakho ngenhlonipho nesizotha? Namhlanje kweZomndeni sifuna ukubuka kabanzi lithini iBhayibheli ngenhlonipho.
27 Jul 2021 8AM 5 min

Ukuvuleleka ngama-account nama-passwords e-social media emshadweni

Esikhathini esikuso ukuvula i-social media account kulula kunokuvula i-bank account futhi wona maningi kakhulu. Kuwubuhlakani ukubuka umthelela lama-account anganawo emshadweni. Siluleka ukuvulekelana emshadweni ngawo ngenhloso yokuvimbela inhlese engangena.
26 Jul 2021 8AM 4 min

Ukubuyisela ukukitazeka emshadweni

Ubudlelwano emshadweni buhle kakhulu njengokubekwa kwakho nguNkulunkulu nokho kubuye kube nempicabadala kuloluhamba. Kuyamanagaza ukuthi bangaki abashadile abazibuza beziphendula ngemishado yabo. Baningi besixoxela ngokukhathazeka ngezimo zeyabo qede bacele usizo.
23 Jul 2021 8AM 3 min

Ukuzivikela kunye nomshado wakho ungaphathwa yi social media

Ngakube ezokuxhumana emoyeni zihlafuna kwasani eyisikhathi sakho nowakwakho nomndeni? Ngakube uhlala ku Facebook ngaphezu kokuba nomkhwenyana wakho? Ohlelweni Ezomndeni sikulethela amasu namuhla ukuthi ungayiphatha kanjani i-social media?
21 Jul 2021 6PM 3 min

Ukuqopha izikhathi ezingenakukhohlakala emndenini

Unyaka odlula ngokuphazima kweso, nokho sidinga ukukuhlosa ukuqopha okuyohlala kukhumbuleka emindenini yethu. La ohlelweni Ezomndeni sifuna ukukucobelela ngezindlela ezilula ukuqopha izikhathi eziyohlala zikhumbuleka njalonjalo.
18 Jul 2021 6PM 3 min

Emva kokungathembeki kukamama kusebukhuni satshe kubaba

Uma ukungethembeki kuhlasele umshado, izibazi kosemshadweni zingathatha isikhathi ukulapheka. Namuhla sikhuluma ngokushiywa, nangokulahleka kokwethembana, la ohlelweni Ezomndeni sizozama ukubukisisa ukulapha umshado emva komunye engathembekanga.
15 Jul 2021 6PM 4 min

Ukubhekana nomamezala ohluphayo

Isihloko sikamakoti nomamezala siyiva emishadweni eminingi. Ubudlelwano babo buvamisa ukuhhadlazela uma kungenamincele ecacile, sizokhuluma ngalo kanye loludaba lapha ohlelweni Ezomndeni.
14 Jul 2021 6PM 3 min

Ingane enenkinga yokuqamba amanga

Ngabe ingane yakho seyake yakuqambela amanga emehlweni libalele, kumbe inonge udaba ngamanga ukuze izuze inhliziyo yakho? Kubazali abaningi into sebeke babhekana nayo le.Umbuzo usekutheni kunini lakhona lelihaba kumele likukhathaze?
13 Jul 2021 6PM 3 min

Ngakube incindezi isono

Kunendida yombuzo aMaKhrestu amaningi azikhuxuza ngawo othi ’ingcindezi iyisono na’? Kuloluhlelo Ezomndeni sizobhunga lombuzo nezindlela zokwelapha ingcindezi,okwakho lalela ungabe usasuka.
12 Jul 2021 6PM 5 min

Intokazi enqatshelwa ukukhetha owesilisa

Ibhayibheli liyacacisa simelwe ukuhlonipha ubaba nomama, ikakhulukazi uma sisaphila ndlwinye nabo kumele sigcine ubudlelwano bubuhle. Nokho-ke uma sekuziwa kwezothando nabangani, amandla abo ahamba aphele kuphi uma kuqhathaniswa nokukhetha kwakho?
8 Jul 2021 6PM 2 min

Ubaba oyisigqila sokusebenza

Kuyimvelo emadodeni ukunakekela unkosikazi nabantwana, nokho ukulubalubekela ukukhula kweholo kuwumgodi ongagcwali. Sikhuluma ngakho kanye namhlanje ukugcindezeleka kukababa ukukhulisa iholo emndenini nemiphumela yakhona.
7 Jul 2021 6PM 4 min

Amandla omthelela obukhona buka baba

Iqhaza likababa lisemqoka kakhulu enganeni.Sifuna namhlanje ohlelweni Ezomndeni, ukuthinta lapha nalaphaya ngobukhona bukababa nomthelela wakhe omuhle enganeni.
6 Jul 2021 6PM 4 min

Siwafundisa kanjani amantombazane ethu ukukwazi ukwehlukanisa

Ngakube ufunda izenzo zentombazana yakho ,ikakhulukazi ngakwezobungani ,qede sewuyazibuza ukuthi sekwenzakaleni kuleyantombazanyana encane ubuyazi? Ekukhuleni amantombazane aye athande ukuzisungulela ubungani futhi abe ngawodwana. Njengomzali kwenza kuba nzima ukusondela entombazaneni yakho .
5 Jul 2021 6PM 4 min

Abazali abafuna ukusizwa ngengane yabo ehuhwa yizithombe zobunqunu

Enye yezingwadla enkulu ekhona ,ukudlanga kwezinga lentsha ebuka izithombe zobunqunu. Ngenxa yokukhula kobuchwepheshe, sekwenze intsha izitholela kalula nje izithombe zobunqunu, ezitholakala kalula kwizinkundla zokuxhumana, bese ivese izibuke ingabonwa muntu. Abazali abaningi bafuna izisombululo ngalelibhubesi eliqhobozela abasha
4 Jul 2021 6PM 4 min

Unkosikazi owayengazange amthande umkhwenyana

Sesike sabona izibalo zemishado eminingi engahlelwa ngababaniniyo iba yimpumelelo, lakhona abalingani basuke bengazikhethelanga nokho base bezinikila ukuze umshado wabo ugcine uyimpumelelo. Umbuzo ongemnandi –ke ukuthi ngakube ngishade nomaqondana yini.
1 Jul 2021 6PM 3 min

Unkosikazi Ukhathazekile Ngomkhwenyana Ode Eba Nemihlangano Ngasese Nomqashi Wesifazane

Umkhwenyana wami axhumane kanjani nomqashi wakhe wesifazane? Kancane kancane nje udinga ukuxoxa naye ngomsebenzi kodwa kube sesitha ,so uyaye abhukhe I lunch naye bobabili.Hhayi mina angiyizwa kahle lendaba kodwa yena akanankinga ngoba uthi esikhundleni akuso kuyinjwayelo.Hle hle mangase ngiveze ukukhathezeka kwami ngizomkhuba ngokomsebenzi wakhe.Nicabanga kanjani futhi enze njani?
30 Jun 2021 6PM 3 min

Inkonzo yekamelo emva kokuhlinzwa isibeletho

Ngakube kungokwejwayelekile yini ukuthi umkhwenyana angabe esalangazelela inkonzo yekamero kuwe emva kokuhlinzwa amabele noma ukukhishwa isibeletho? Eminyakeni eminingana eyedlule ngake ngakhishwa isibeletho.Okuthe mumva nje ekutholakaleni komdlavuza webele kimi kwabe sekususwa ibele kimi ngokuhlinzwa.Lokho kunzima ngokwakho ,kodwa kuyedlulela kusukela ekuhlinzweni kokugcina ,umkhwenyana wami useqhelile kimina ngokwenhliziyo futhi ubukeka engasayingeni eyenkonzo yekamero…
29 Jun 2021 6PM 5 min
488 – 508