Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
528 – 548

Ukufundisa izingane ngokuzidela

Ngakube kumele ngizifundise izingane zami ngobumqoka bokuzidela? Asizwa kakhulu ngakho ebandleni kulezinsuku ,bese kuthi isikompilo labantu basemhlabeni alikugqizi qakala sanhlobo.Kodwa anginaso isiqinisekiso ukuthi izingane zethu zizoqonda ukuthi kusho ukuthini ukulandela uJesu uma silahla lengxenye yobizo lomfundi kaJesu.
1 Jun 2021 6PM 5 min

Ukuhlonipha i-teenager yakho

Ngingalinika kanjani iteenager lami inhlonipho elifanele? Ngingavuma ukuthi siyangqulana ngamakhanda kaningi –uluhlobo oludinga ukuqondiswa nokuholwa okuningi,okuphetha ngokuthi kungabi kuhle endlini .Kodwa angikholwa ngukuthi kukhona engikwenzile okumehlisa isithunzi njengomuntu. Kuchaza ukuthini ukuthi “umzali ahloniphe ingane?” ngakube ngingavese ngimdedele enze ngendlela yakhe –ngilokothe?
31 May 2021 6PM 5 min

I-teen ifuna ukusiza umama abe nokuqonda ngezinguquko ebudlelwaneni babo

Uguquko usuka ebunganeni uya ekubeni yi-teenager wuguquko olukhulu empilweni, futhi ama-teen amaningi kanye nabazali bangakufakazela lokho. Kunezinguquko zomzimba nezomqondo ezenzekayo kulesigaba, futhi kuyasiza ukuqonda lamaphuzu zisasuka nje ukuze ungazitholi usuhilelekile ungazelele. Nakhu la khona abazali nama-teens abangasebenzisana khona ukudala umoya wokuhloniphana, futhi bagcine ubudlelwane obuhle, kungakhathalekile isimo sithini ngezinguquko nakanjani…
30 May 2021 6PM 4 min

Ukulekelela izingane ebunzimeni bokungezeka kwezifundo

Ubutasa kakhulu bubukeka sebuyinsakavukela ,okuthi abanye abantu baze bazigqaje ngabo ngokokuthi bakwazi ukwenza izinto eziningi kakhulu. Nokho, ukukhulisa izingane zethu kuma-schedule anyinyithekayo akulethi ubuhle ngokwezingane.
26 May 2021 6PM 5 min

Ingane enenkani ayifuni ukulala

Impi yesikhathi sokulala enganeni iyinto evamile ekhaya, isikakhulukazi uma ingane yakho inenkani lokho okwenza ukhameke kakhulu futhi uma ungazimisele ukuba nenkani yokubekezela nawe ungagcina wehluliwe.
25 May 2021 6PM 4 min

Lithini ibhayibheli ngokuzixolela wena

Into enhle nekhululanayo ngokuba nguMKhrestu ngukuthi uKhrestu wafela ukuxolelwa kwezono zethu. Kodwa waphinde uJesu wafundisa amakholwa ukuxolelana njengokuba naye esixolele. Inkonzo yokuletha ukuthethelela kwabanye abantu, kungakhathalekile inzima kanjani, kodwa okungangabazwa ngayo la okholweni kwaKhrestu. Uma sekuziwa ekuzixoleleni ngamaphutha esiwenzile, ngolunye-ke udaba lolo. Mhlawumbe izono esezadlula ziyakwengama futhi awunasiqinisekiso ukuthi uzodlula…
24 May 2021 6PM 5 min

Ukukhuthaza umoya wokuncokola enganeni yakho

Abantu abaningi bayathanda ukuqhuma ngokuhleka izikhathi ngezikhathi, abanye ukuhleka baze bakubize ngekhambi lomphefumulo, bese khona lapho bakhona abanye abancokola nabahleka nje ngalesosikhathi, okunokwenzeka mhlawumbe i-personality yabo leyo esuke ivela.
19 May 2021 6PM 5 min

Ukubhekana nokulwa kwabandawonye

Uma kunengane engaphezu kweyodwa ekhaya, nakanjani ungangibuza ungiphale ulimi, kuzoba khona uhlobo oluthile lokulwa. Umbuzo usekuthini okungakanani ukulwa ezinganeni ekhaya okumelwe umzali akuvumele futhi abhekene nakho?
18 May 2021 6PM 5 min

Ukukhula ngokobukhrestu kunye nendlela yokukhula

Uma uzizwe untengezela mayelana nesimo sohambo lwakho lobuKhrestu awuwedwa, maningi amaKhrestu angqubuzana nalesosimo semizwa nsukuzonke. Uma kungukuthi kunokwenzeka, unentshisekelo ngokwethembeka ukubona ukukhula okubanzi, nakanjani uzokhuthazeka ngalokhu esizokusho khona la
17 May 2021 6PM 5 min

Ubudlelwano obuguqukayo kwi-teen

Ngesikhathi ingane yakho ingena eminyakeni yobu-teenager, kunokwenzeka sewuqaphelile kunoguquko olukhona ngesondele kubona. Lakhona owake waba yindawo ephephile neyisifuba sengane yakho, usungakubona ukuthi sewugudluziwe, kwasekuba ngabangani bengane yakho asebethathe indawo empilweni yayo.
16 May 2021 6PM 5 min

Ukunakekela izingane sikhathi sinye nabadala ungalindele

Kuvamisa ukuba nezigaba zempilo ekukhuleni kwethu, siphakathi nezingcindezi zezidingo zobuzali, sizithole ukuthi nabazali bethu sebesekukhuleni okudinga unakekelo lwethu. Yisimo leso okungelula neze ukubhekana naso, Kodwa khona simile.
13 May 2021 6PM 5 min

Ukuya emcimbini womndeni wabashadile ababulili-bunye

Njengabazali abangaMakhrestu sifuna ukuhlala siqinisekisa ukuthi izingane zethu ziyazazi izinsika zokuphila uKhrestu asifundise ukuphila ngazo. Nokho sidinga futhi ukuzenza ziqonde umhlaba lo owele esonweni, esiphila kuwona.
12 May 2021 6PM 5 min

Ukungena emshadweni usesikhungweni semfundo ephakeme

Imishado ezweni lakithi iyehla ngamazinga asheshayo, bangu 30% kuphela abasesigabeni sokushada abashadile. Ngakho uma sizwa abasha bethi balungisela ukungena emshadweni kuyasijabulisa lokho kakhulu, nokho ,ngakube kungubuhlakani yini ukushada ngesikhathi usese university?
11 May 2021 6PM 5 min

Ukunamathela ngenhliziyo komunye oseceleni kanye nokuholela kwi-sahlukaniso

Ziningi izinhla eziholela ekwakheni ukuthembana emshadweni, futhi okuthi uma abashadene bezibambe kahle, nakanjani kuzoba nokuqina kokukhula kobudlelwane. Uma ngencaphephe kube ngukuthi uwakwakho usenamathele komunye ngenhliziyo, kulapho kanye ozozwa kwehla ngokushesha izinga lokwethembana phakathi kwenu.
10 May 2021 6PM 5 min

Ukulawula inzalo nokubuka okungokufa

Isihloko sokulawula inzalo sesibe ngesinempikiswano ndlelaningi kuleminyaka. Baningi abaphikisana naso ngoba bethi sitshala isiko elingokufa.
9 May 2021 6PM 6 min

Ingane enomoya ongemuhle

Uma ingane inokuziphatha okunganamisi futhi ibuka yonke into empilweni iyimbi, ingamnandi iyimfithimfithi, lokho kungaluphawu lokuthile oku serious kakhulu, kodwa kusenokwenzeka futhi ukuthi uguquko lokuziphatha lusekuhlelekeni.
5 May 2021 6PM 6 min
528 – 548