Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
448 – 468

Igunya Lobuzali Enganeni Esikhulile

Kuba noguquko lwegunya ekufikeni kwengane ebudaleni .Kumzali lolosuku luvese luzume ,masisha usebona indodana noma indodakazi yakhe enhle isizimele. Sithanda ukuxoxisisa ngalokhu kuloluhlelo Ezomndeni.
22 Sep 2021 6PM 6 min

Ukusiza Umfana Abe Yindoda

Inhloso ekugcineni ukukhulisa abafana ,ukubaqeqesha nokubakhuthaza babe ngamadoda ahlonishwayo naqotho.Kuwumsebenzi oyinzuzo ukutshala kuwo,La ohlelweni Ezomndeni sizoletha izinkomba namasu.
21 Sep 2021 6PM 4 min

Ukukipita Nesoka Elihlukumezayo

Sesizwe kaningi ngezindaba lakhona umama ezibona eboshelwe ebudlelwaneni obungachachambile ngenxa yokuthi ubona ukwehlukana kungawububi enganeni.Sifuna ukubuka udaba olunjalo, macala onke.
20 Sep 2021 6PM 5 min

Ingane Esebenzisa Amagama Anenhlamba

Ingane esebenzisa amagama anenhlamba kungenzeka iveza impilo yabantu abayizungezile,kunokwenzeka futhi kube esinye isizathu. La ohlelweni Ezomndeni namuhla sizoxoxa ngokuthi yini eqhuba inhlamba olimini lwengane ,hlala ulalele.
19 Sep 2021 6PM 4 min

Izindlela Zokubhekana Nobudlelwano Obu Online

Ezinsukwini esikuzona zobuchwepheshe sebuyanda ubudlelwano obu online kwintsha yethu, sibone kusemqoka ukucobelelana amasu okubhekana nohlobo lobudlelwano obunjalo.
14 Sep 2021 6PM 4 min

Ingane Esikhulile Izizwa Isaphathswe Okwengane

Kungayinto enzima kumama ukukhulula abantwana bakhe nxa sebefike ezingeni lokukhula baziqalele impilo yabo,sithini ke uma uyingane leyo umama angavumi ukuyikhulula esandleni sakhe? Ungamtshela kanjani ukuthi ususezingeni lokuzibhekanela nempilo ,kodwa usho ngenhlonipho? Sikholwa singasiza kulemosa.
13 Sep 2021 6PM 4 min

Ukukhuthaza Imikhuba Enempilo Ekhaya

Wonke umzali ufuna ukwazi ukuthi wenza konke kahle ekuqinisekiseni umndeni ophilile nosimeme kwimpilo yonkana.Kakusiwo –ke umsebenzi olula ,nokho sizoke sixoxe ngezindlela eziningi umndeni ongazigcina unempilo usimeme.
12 Sep 2021 6PM 5 min

Ukuqhelelana Ngezinhliziyo Emshadweni

Njengoba impilo yabashadile imatasa ngaphezu kokwenza kulezinsuku,iningi besebenza bobabili,nendathane yezinto ezibadingayo nezigcwalisa uhlelo lwempilo, kulula ukuqonda ukuthi ukuqhelelana ngezinhliziyo kungapulukutshela kungene emshadweni. Abashadile bangavuthela kanjani lelolangabi uma kuwukuthi selipheshulwe zivunguvungu zempilo?
9 Sep 2021 6PM 5 min

Ukubhekana Nezimo Eziphathekayo Zowakwakho

Esikhathini sobuhlungu bokushiwa uwakwakho ,kungawumqansa ukubhekana nezidingo zempilo ngaphezu kokuba usabhekene nobuhlungu nokushoshozela kokulahlekelwa ,nokho ngeshwa isisho esizwakala singenasihe esithi:’impilo iyaqhubeka’ siliqiniso kolunye uhla ngoba kunezinto ezisakubhekile ukuziqhuba nakuba usekulileni, sibala : izinto ezisadinga izinqumo ngezezimali.
8 Sep 2021 6PM 4 min

Ukubhekana Nowakwakho Osewadlula Ngokuba Late

Ukufika ‘ngesikhathi’ kungaba yinto oyiqikelelayo futhi eseqhulwini kuwe,kodwa kwabanye kube yinto engathi shu leyo. Sizokhuluma ngalengudlungudlu ephakathi kwabaganene.
7 Sep 2021 6PM 4 min

Ubaba Ofuna Ukubuyisa Ubudlelwamo Nezingane Azilahla

Uma wenze amaphutha amakhulu empilweni kwenza imiphumela yawo ingagwinyeki.Ungaguqula ukuziphatha ngokuphelele kodwa inqobo nje uma amaphutha owawenza alimaza abantu,kunganzima satshe ukuphinda uthembeke futhi ube nobudlelwane nabo.
6 Sep 2021 6PM 5 min

Ubaba Odiniwe, Indodana Ediniwe

Inkambo kayifundiswa kodwa iyenziwa.Ngamanye amazwi ingane yenkalankala yabukela kunina. Lokhu-ke okungaba yinto enhle inqobo nje uma abazali behamba ngendlela abayothakasela ukuba yenziwe ngabantababo.Nokho uma ukhombise inkambo embi ,nabantabakho bazokulingisa.
5 Sep 2021 6PM 5 min

Kungani Incwadi Yomshado Nomshado Ubalulekile

Sewake wazibuza kungani amaKhrestu engena emshadweni qede abe nencwadi esemthethweni ekhomba umshado wawo njengokuzinikela eNkosini ,Ungabe usasuka nxashana sisabhunga ubumqoka bomshado nencwadi yomshado
1 Sep 2021 6PM 4 min

Ukukhulelwa Ungashadile Qede Umfana Anagfuni Ukuba Ngubaba

Ziningi kakhulu izimo lakhona abangashadile bemitha bese umfana kutholakale ukuthi akayingeni eyokuba ngubaba.Lokho okushiya intombazane esimweni esinzima,sizokhuluma ngalokho kanye la ohlelweni Ezomndeni.Ungabe usasuka.
31 Aug 2021 6PM 4 min

Ukunqubuzana nokuklwebhana kwezingane zandawonye

Ukuklwebhana nokulwa kuyenzeka kuyo yonke imindeni yabazalwane kodwa sidinga ukufundisa izingane zethu zithobelane zihloniphane.Kuwuhambo olungelula kodwa kubiza umzali asiqonde isimo
30 Aug 2021 6PM 3 min

Usizi,ukungabikho kobulungiswa nothando lukaNkulunkulu

Ngakube sewake waba nendida ngokuthi kaze uNkulunkulu unawo nje umuzwa ngawe nomhlaba wonkana? Ngosizi nobuhlungu obukhona kwamhlaba ,kugcina kuyinto enzima ukukholwa ubukhona nonakekelo lukaNKULUNKULU
26 Aug 2021 6PM 5 min
448 – 468