Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
428 – 448

Ukubuka ukukipita nezimo zakho nomshado

Sekuvamile ukuba abantu bahlale ndawonye phambi komshado ,hle hle izinkomba ezweni lakithi zikhomba bebancane abakhetha ukushada.Iso lokubuka umshado selingxenye ,yiziphi izinkuthazo zomshado nokuzuzwa kuwo ,nokuthi kungani ababili kumele bawulangazelele? Sizokhuluma kabanzi ngalokho la ohlelweni Ezomndeni .
20 Oct 2021 6PM 5 min

Unkosikazi wami uyahlukumezana ngokwenyama

Sivamise ukuzithola sikhuluma ngokuhlukunyuzwa la khona umama usuke eyisisulu, kodwa namuhla ohlelweni Ezomndeni sizonceda ubaba obhekene nokuhlukunyezwa ngokomzimba ngunkosikazi wakhe, bese siletha izinyathelo ezisithinta sonke kungakhathalekile ukuthi uhloboni luni lohlukumezo nokuthi ngubani umenzi walo.
19 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuhushula nezempilo zikaMama

Izibalo zokuhushula izisu okwenzeka ezweni lakithi zisezingeni eliphezulu elethusayo futhi kwazona ezibhaliwe azibandakanyi lezo zokuhushula okungagunyaziwe nguhulumeni okwenzeka emahhontshi.Kumbalwa kakhulu lakhona okusuke kuwuhlobo lokuba umama akhethe phakathi kwezempilo zakhe nempilo yomntwana. Zizwele khona la.
18 Oct 2021 6PM 5 min

Uku ‘adopter’ ingane ehlukumezekile

Uku–adopter yinto enhle kakhulu eseduze nenhliziyo kaNkulunkulu. Wonke umzalwane wafakwa emndenini wakhe, njengokusho kwezwi kwabaseRoma 8,ukuthi si-adopthiwe saba ngamadodana namadodakazi. Uma umndeni ucabanga uku-adopter, kuningi okufikayo, amalungiselelo nokuhlela okuningi okudinga ukwenziwa kuqala. Kwenziwa njani uma kuwukuthi umntwana ozofakwa emndenini useke wabhekana nokuhlukumezeka phambilini? Lezozingane zidinga ngempela ikhaya elifudumele nelinothando. Zizwele…
17 Oct 2021 6PM 5 min

Umkhwenyana akafuni ukuyosebenza

Impilo yekhaya ingamuncu uma uwakwakho engafune kubamba liqhaza ngokwezimali kumbe nangokunye nje. Umuntu wenzenjani ke ezimweni ezinjalo?
13 Oct 2021 6PM 5 min

Ukubuka ezezimali kwabasanda kushada

Uma kuziwa kwezezimali, abashadile kumele babe mqondo munye ukuze bavimbe obekungalindelwa ngomunye kanjalo nokuphoxeka ebudlelwaneni babo. Ohlelweni Ezomndeni namhlanje sizokhuluma ngeso lokubuka ezezimali kwabasanda kushada, nokho umgomo wona ungena kuyo yonke imishado.
12 Oct 2021 6PM 5 min

Ukholo nokuzibulala kwabasha nabasafika ebudaleni

Uma umuntu omusha enokholo oluqinile ,kwenza sikholwe ukuba abanakubalwa ekubhekaneni nezindaba zengcindezi nemicabango yokuzibulala. Nokho, lokho kungaba nombuzo phakathi ngoba phela uluntu luwile.
11 Oct 2021 6PM 6 min

Ukukhuthaza Ingxoxo niwumndeni

Ngakube sewuke waqaphela izinga lezingxoxo zomndeni elenzeka kwakho. Singakanani isikhathi umndeni wakho ositholayo ukuxoxa ubuso nobuso kulempilo ematasa?
10 Oct 2021 6PM 5 min

Unkosikazi unongakuqondi ngezocansi ngomkhwenyana wakhe

Kuhle sibalule ukuthi abashadile banomehluko ngokwezidingo zabo uma besenkonzweni yasekamerweni. Siye sizwe kumakhosikazi angenalo isasasa elisezingeni labakhwenyana babo, lokho okungadala ukukhungatheka emshadweni
7 Oct 2021 6PM 5 min

Ingane ephindaphinda amagama ahlabayo ashiwo nguwakwakho

Esimweni sesahlakaniso ,kuye kude kuba nogingqigoqo wochuku kulaba ababeshadene. Okungaba nemizwa eminingi emibi ngowakwakho futhi ngeshwa okungabandakanya izingane ,zingagcina ziphakathi nendawo ziyiyoyo,zihambise imiyalezo engasizi macala onke.
5 Oct 2021 6PM 4 min

Ukubuyisa amandla emumva kothando olusithe olukuphoxile

Ukudweshuleka kobudlelwane kuhlala kungelula, kuhlala kunemizwa yokuthi ngikhohlisiwe la, nokushoshozela kwenhliziyo okudinga yelashwe, indaba isekutheni umuntu uqhubeka kanjani nempilo ezwe inkululeko kwikusasa.
4 Oct 2021 6PM 5 min

Ukuhuheka phakathi kwabangani abashadile

Uma indoda eshadile ikhulelwa yimizwa ngonkosikazi womngani wayo, iyazi ukuthi lokho kuzibandakanya kungayicala elikhulu.Kodwa manje iyiphi inkinga elele la. Yikuphi futhi okungenziwa ukuqinisekisa ukuthi ukubhidlika komshado akuzoba yisiphetho salengwadla.
30 Sep 2021 6PM 4 min

Iyiphi indlela yokubhekana nomama osebenzayo ozizwa enecala

Kulezinsuku kunesisho esivelele esithi ‘umama ozibambe ngamazinyo’ okwazi ukudibanisa umsebenzi, umndeni, abangani, imisebenzi yebandla nokuningi sikhathi sinye.Uma uzimatanisa nalesisimo, vese unamathele ngoba sizokhuluma ngokungawubungozi bokuphila lempilo, kanjalo nezisombululo.
29 Sep 2021 6PM 5 min

Uwakwakho Uthola Izithombe Ezimhuha Ngocansi

Kulomhlaba wanamhlanje lakonke seku-digital,nendidabuchopho yobudlabuladlwedlwe obukwi social media,kulula ukubona ukuhuhwa ngezocansi qede ukitazeke ugcine usuyimbuzi yentambo nje. Ngenxa yokuthi ayazani kwenza umuntu acabange akukho bungozi ekuhuhaneni online, nokho yiyo kanye lempilo eholela ophathe imishado. Sifuna ukuqwashisa abaganene ngalobungozi, silethe iziluleko eziphusile ekutheni ungavikela kanjani umshado wakho.
26 Sep 2021 6PM 5 min

Ukukhuleka Ndawonye Njengomnden

Imindeni eminingi ekholwayo ayikaze iziphe isikhathi ukuthandaza ndawonye njalonjalo, okwenza ingazi ngokunamathelana okumangazayo okudalwa yilemthandazo elula nje.Yebo ikhona imindeni engafakaza ngesimanga sokwakheka kokholo nobunye obenzeke ngesikhathi befuna Inkosi bewumndeni. Sisemqoka kangakanani isikhathi sokukhuleka ndawonye niwumndeni? Sizophendula lombuzo khona la ohlwelweni Ezomndeni.
23 Sep 2021 6PM 5 min
428 – 448