Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
908 – 928

Ukugcina Ubudlelwano Nezingane Emva Kwe-Divosi

Njengokuba sengidivosiwe ngingahlala kanjani ngixhumene nezingane zami ?Okunye kwezinto ezibuhlungu ukuthi ngikalelwe isikhathi sokuba nazo .Ngokomthetho ngivunyelwe izinsuku ezimbalwa ukuba nezingane zami.Ngingathanda ukuba nesikhathi esithe xaxa nazo kodwa lo owayengunkosikazi wami u-strict kakhulu ngesikhathi engiba nazo ngaso aze atolike umthetho ngendlela yakhe.Ezimweni ezinjena ngingenza kanjani ukuthi ngiqhubeke ngibe nomthelela onobuNkulunkulu…
26 Dec 2019 5PM 5 min

Ozongena Ekubeni Ngubaba Ukhathazekile Ngezindleko Neresponsibility

Silungiselela kanjani siphinde silawule izindleko zokuba nengane ? Mina nonkosikazi wami sasijabule siyandiza ukuthola ukuthi usemumethe ,kodwa manje sesibhekene nesimo ngqo esiza nakho.Ngizizwa nginokukhathazeka nokwesaba mayelana nezinselelo zoku-supporter nokunakekela ingane .Ningangisiza?
25 Dec 2019 5PM 5 min

Friend Request Kwi Social Media Evela Othandweni Lwakudala

Ngingayimukela yini –ifacebook friend request kwesengake ngathandana naye phambilini? Usekhombise ukuba nokuthanda sixhumane kwi social media.Njengamanje luphezulu luhle uthando lwami nomnyeni wami futhi ngizinikele kuyena ,ngakho angicabangi ukuthi lokhu kungadala ubungozi ebudlelwaneni bomshado wethu .Nicabangani?
24 Dec 2019 5PM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
23 Dec 2019 5PM 4 min

Unkosikazi Ongasenkamunkamu KuMkhwenyana OsewuTamu-texe

Ngenzenjani ukubhekana noqobo lokulahlekelwa ukulangazelela komnyeni wami ngomzimba wakhe osuvese waba yisitetelegu ? Sengizamile ukuba ngonenkuthazo nokusiqonda isimo.Ngizamile ukushintsha ibhodwe sehlise okukhuluphalisayo ,ngazinikela ukujima naye,ngazama nokumlalela ngozwelo eminyakeni eminingi eyedlule ,kodwa alukho nolulodwa yena alwenzile ukuguqula isimo sakhe .Angicabangi ukuthi kunengcindezi anayo ,yena nje kuphela akufunayo ukuzimolokohlela ukudla qede athi…
22 Dec 2019 5PM 5 min

Ubaba Ongaziphethe Kahle KuMalokazana Nakwabanye Besifazane

Ngibhekane kanjani nokungaziphathi kahle kukababa kumakoti wami nabanye besifazane abasebasha?Sengidlulisile ukukhathazeka kwami kuyena ,kodwa uvese athi yindlela lena ayiyona futhi akukho kuguquka azokwenza yena.Nginqume ukuthi kuzoba kuhle ukuba singabe sisaba ndawonye naye kusukela manje,kodwa lokho kukhuba uMawam ngoba usathokozela ukusibona .Umakoti wami uthi ukulungele ukuzinikela abekezelele lempatho kababa,kodwa mina angithandi…
19 Dec 2019 5PM 5 min

Ukuchazela Izingane I-Addicton Yezithombe Zobunqunu

Ikhona yini indlela enhle yokuxoxa mayelana noqukatho olungeluhle kowakwakho kwezocansi? Umnyeni wami usohambweni oluhle lokulapheka kulesisimo futhi uyethembisa kakhulu.Umshado wethu futhi uqinile kunanaphambilini ,kodwa izingane zethu seziqale ukubuza imibuzo mayelana nayo yonke imihlangano esimatasa siya kuyo.Angazi kumele ngiphendule ngithini.
18 Dec 2019 5PM 5 min

Ubaba Owadivosa Ingane Ayimthandi Umamncane - Divorced Dad

Ngingenza kanjani enganeni yami ukuba engabi nyamana mbana uMamncane wayo omusha? Ngingubaba womfana omuhle kabi ono 6.UMawakhe wangidivosa lomfana wami eneminyaka eko 3 ,emva kwalokho wahamba wayoshada nenye indoda.Okwamanje nguye onelungelo elikhulu lengane, elami elokuyivakashela.Undodana akafuni ngibe ngowakhe nabanye abantu,futhi lokhu sekudale inkinga enkulu kimina ngempilo yokuphila nabanye abantu.Kwaze kwabiza…
17 Dec 2019 5PM 5 min

Ingane Ethi Ifuna Ukufa

Ngakube kumele yini ngethuke uma undodana wami oneminyaka engu 6 athi ufisa sengathi engabe usefile?Lenkulumo uyisho kimi namhlanje ,lapho ngivese ngathuka ngenye indlela ngavese ngangazi ngithini kuyena.Ngenzenjani?
16 Dec 2019 5PM 5 min

Izimo Zengcindezi Yokukhathazeka

Ngingumkhathazeki ,futhi lenkinga iyadlanga.Sengike ngezwa abantu bekhuluma ngoguquguquko lokukhathazeka oluzishintsha imibala,kodwa angazi lokho kuchazani.Ngingabona kanjani ukuthi ukukhathazeka kwami kungokujwayelekile ? Nokuthi ngenzenjani?
15 Dec 2019 5PM 6 min

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Singathembela kuNKULUNKULU ezidingweni eziphathekayo kubantwana bakhe abathembekile? kwabaseFiliphu 4:19 kubukeka ethembisa kanjalo .Selokhu ngalahlekelwa ngumsebenzi nganamathela kulelivesi,kodwa alibukeki lingisize ngantoni nomndeni wami. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule silahlekelwe umuzi wethu,imoto nezinto eziningi .Kube nzima kakhulu lokhu kodwa okweqile imibuzo okunginike yona engqondweni.Ngibonile ukuthi amaKhrestu amaningi athembekile endulo aphila nanxa izidingo zawo zingafezekile.Anqubuzana…
12 Dec 2019 5PM 5 min

Indodakazi Engena Ebuntonjini Enokujwayelana Nowesilisa Osemdala

Sivume yini ukubona undodakazi wethu ona 16 abe seduze nowesilisa osekhulile kunaye .Uneminyaka engu 25 futhi u-involve kakhulu kwi band yama worshiper ebandleni lethu .Kusukela nyakenye yena lowesilisa usebe nobudlelwano obungaqondakali kahle nondodakazi wami ababubiza ngo ‘brother –sister’.Ungowesilisa othandekayo futhi ohlonishwayo ebandleni lethu ,kodwa ngezizathu ezithile umqondo kaMawami wokusola into…
10 Dec 2019 5PM 5 min

Umphumela Namacahaphazelo Esahlukaniso Ezinganeni

Ngakube ukudivosa kwami kuyoba namachaphazelo ayohlala isikhathi eside ezinganeni zami? Umshado wethu usube ngonzima kakhulu ,mumva nje sengixoxe nommeli wezahlukaniso ze ngicabange engingakwenza.Izingane zami zisencane ziphakathi kuka 8 no 14 weminyaka –kwesinye isikhathi ngiye ngibe nengcindezi enkulu ukucabanga ukuthi isehlukaniso sizozichaphazela kanjani.Kwesinye isikhathi ngizithole nginesibindi sokuthi izingane ziyakwazi ukuthula zimukele…
9 Dec 2019 5PM 6 min

Ukusebenzisa Imali Yokweshumi Ukusiza Abazali Asebekhulile

Ngakube kungaba liphutha ukusebenzisa ingxenye yokweshumi kwethu ukukhokhela isikhungo sabanakekela abadala?Sesibonile nebala isimanje sisigcina simatasa ukuzipha isineke esanele nabazali .Njengokuba nezingane zethu ziyofunda e varsity khona lapho sibhekene nanokunakekela umkhwe nomkhwekazi wami .Nicabanga senze njani?
8 Dec 2019 5PM 5 min

Ukumisa Utakalani Ekushayeni

Ngingamisa kanjani undodakazi wami ona 2 weminyaka ukushaya umfowabo onezinyanga ezingu 10? Uyamkhahlela ,amshaye ,amlume ,amklabalasele amjikijele nangamathoyisi .Kwaqala ngesikhathi eqala ukukhasa.Loluhlobo lwesenzo lwenzeka nsukuzonke ,kaningi ngosuku.Sesenze okuningi ukumisa lokhu kuziphatha ,nokho okwamanje akukho okubukeka kusebenza ,ninazo izeluleko kumbe enikuphakamisayo?
5 Dec 2019 5PM 5 min

Ukubhekana NeNkonkoni Engumzalwane Emndenini

Sithini kundodana wethu osese –varsity othi ungungqili unguMKhrestu ? Ukholwa ngukuthi uNkulunkulu wamtshela ukuthi akukho phutha ngobunkonkoni nokuthi utoliko lwebhayibheli lunezincaphephe.Okwedlulele ,ngukuthi lomqondo usewucobelele nomfowabo [onengeke kabi ngaye],futhi lomqondo wakhe ufuna ukuqhubeka ukuwutshala nakwabanye abancane .Kwezinye izikhathi ngidinwa ngiqhume ngize ngimemeze okomuntu ehayiza.Kwezinye izikhathi ngivese ngihlale phansi qede zehle izinyembezi.Siyamthanda…
4 Dec 2019 5PM 5 min

Amakhosikazi Aholayo Enkonzweni Yekamero

Ngakube kunempilo yini ukuba omama bahole indlela ekwenzeni uthando emshadweni ?Mina nomnyeni wami siyaluthokozela kakhulu uthando lwethu nenkonzo nokho kunento eyodwa engihlale ngikhathazeke ngayo: Kunezikhathi lakhona ngilangazelela ukuzizwa ngisondele kowakwami,kodwa ngibe nongabazane ukuthi kuhle yini kimi ukuba ngiqale uhambo .Impela ngiye ngizitshele ukuthi okwendoda ukuqala uhambo.Kuthini ukucabanga kwenu?
3 Dec 2019 5PM 6 min

Abazali Bavimba Ubudlelwano Bogogo Nezinganeni zabo

Sifuna ukuba sebudlelwaneni obuhle nabazukulu bethu ,kodwa kulesikhathi undodana nomakoti wakwami basidudulela eceleni ,okucaca ;abafuni sisondele kubona.Okugcina singenamaxhama okuxhumana nabazukulu.Ngisho nala khona bebavumela ,siba sincane kakhulu isikhathi esiba naso nabazukulu.Yiyiphi indlela enhle ukubhekana nalesisimo?
2 Dec 2019 5PM 5 min

Ukuhlolela Inzalo Ngesikhathi Somethembiso

Ngakube kuhle yini ukucela intokazi engizoshada nayo ukuba ihlolelwe inzalo phambi kokuba sishade? Angiqondi umoya osukhona esikhathini sanamhlanje osungumkhuba wokuthanda ukungabi nabantwana-hle hle mina kade ngaqala ukulangazelela ukuba nabantwana ngisho ngingakahleli umshado .Ngiphinde ngikholwe ukuthi umshado ,inkonzo yekamero ,nezingane konke kuyi –package efanayo[ngikholwa ukuthi iminitry yenu iyakuvuma lokho].Esikhundleni sokukhetha ukungalethi…
1 Dec 2019 5PM 5 min

Ukholo ,imisebenzi ,kanye nensindiso

Ngakube ngisindiswe ngokholo noma ngemisebenzi emihle ? NjengoMkhrestu omusha ,kwathi gqi uma ngizwa ukuthi insindiso ayimile ngemisebenzi ,kodwa kuphela esiphweni sikaNkulunkulu somusa.Kodwa manje omunye ungitshele ukuthi ukukholwa okungenamsebenzi kufile nokuthi uNkulunkulu uyathanda ukunaka izenzo zami ndlelanye anaka ngayo ukukholelwa kwami.Manje ngikhathazekile.Mhlampe angenzi okwanele ukuya ezulwini.Nicabangani? Ningangisiza ukuqonda lokhu okubukeka kuyisiphicwane?
28 Nov 2019 5PM 5 min
908 – 928