Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
900 – 920

Osekuthombeni ucabanga ukuthi abamhloniphi abazali bakhe

Kumele i-adoloscent iphendule kanjani uma abazali bayo behlale becabanga ukuthi kukhona ebaleka nakho? Sengenele abazali bami ! Angiyona ingane embi ,kodwa abanginiki indawo yami sanhlobo.Angikwazi ukwenza utho kumbe ngiye endaweni ethile ngaphandle kokuphekisiswa ngemibuzo.Ngingawamela kanjani amalungelo ami nenkululeko yami ngaphandle kokuba ngiphume ekhaya?
8 Jan 2020 5PM 5 min

Ukwenza izikhathi zokudla zomndeni ezithokozelekayo

Njengowesilisa nicabanga ukuthi kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni ngoba nakhu njalo ngiye ngixolele imvamisa futhi ngithokozele izinto zabesifazane ? Yilokhu ngaba njena ngisengumfana omncane ,anginaso isiqiniseko ngithini ngalokhu.
7 Jan 2020 5PM 4 min

Ukukhulisa ukuzethemba ezinganeni

Yiziphi ezinye izinto engingazenza ukudala ukuzethemba ezinganeni zami ? Angifuni zikhule zicabanga ukuthi umhlaba umi ngazo ,kodwa futhi ngifuna ukuzifaka umqondo wokuzihlonipha kunye nezinkambiso zabo ezinhle njengabantu.Ngingakwenza kanjani lokho?
5 Jan 2020 5PM 5 min

Ubuzali ngokubambisana nokungabambisaneki naye owake waganana naye

Ngibhekana kanjani ngokunqubuzana komqondo ngendlela akhulisa ngayo engangimganile? Isinqumo sesahlukaniso sethu ,sasithi siyoba neqhaza elilinganayo ebuzalini.Lokho kwakuzwakala kahle ephepheni kodwa ekwenzekeni kuyinhlekelele.Ngingumuntu okholelwa ebuqothweni nasekuqondiseni.Kodwa ngeshwa konke lokho kuyashabala uma nje izingane zami zike zaya kuyena,ongenandaba ngemithetho nezinqubo.Ngenze njani?
2 Jan 2020 5PM 5 min

Ingane okubukeka ilala kweqe

Ngakube ngikhathazeke ngengane yami eno 6 weminyaka elala kakhulu ?Ayifuni ukuvuka ekuseni ,phezu kokuba ilala early bese ilale ubusuku bonke? Kuyinto ejwayelekile lokhu ? Kukhona enikuphakamisayo?
1 Jan 2020 5PM 5 min

Ingane kumbe i-teenager iphazanyiswa zithombe zobunqunu

Ngakube ngisengabuyela yini endlini kababa ,emva kokuba ngibone izithombe zabesifazane abanqunu kuma-magzine ongcolile awukhohlwe uvulekile e-seating room ? Lokhu kungiphathe kabi kakhulu.Abazali bami sebahlukanisa kodwa nginobudlelwane obunamathele kakhulu kubaba ,cishe wonke ama-weekend ngiwasebenzisa ngikuyena ,angisacabangi ukubuyela khona manje. Ngibhekane kanjani nalesisimo
31 Dec 2019 5PM 5 min

Ingane Esekuthomeni Enamahloni Nobunyube

Ngenze njani uma ngisabela ukuthi sengathi undodana wami uzibeka eceleni kwabanye kweqe?Kade esesemncane sasithi yisigaba nje ,nokuthi uma esekhula uzosondela kontangayakhe.Kuze kube yimanje lokho akuzange kwenzeke.Akabukeki efuna ukuxhumana noma yimuphi umngani osemnyakeni yakhe ngisho nabantu abadala uqhelile kubona .Isikhathi esiningi uyedwa ,azihlalele ne TV kumbe ama video game .Yini le…
29 Dec 2019 5PM 5 min

Ukugcina Ubudlelwano Nezingane Emva Kwe-Divosi

Njengokuba sengidivosiwe ngingahlala kanjani ngixhumene nezingane zami ?Okunye kwezinto ezibuhlungu ukuthi ngikalelwe isikhathi sokuba nazo .Ngokomthetho ngivunyelwe izinsuku ezimbalwa ukuba nezingane zami.Ngingathanda ukuba nesikhathi esithe xaxa nazo kodwa lo owayengunkosikazi wami u-strict kakhulu ngesikhathi engiba nazo ngaso aze atolike umthetho ngendlela yakhe.Ezimweni ezinjena ngingenza kanjani ukuthi ngiqhubeke ngibe nomthelela onobuNkulunkulu…
26 Dec 2019 5PM 5 min

Ozongena Ekubeni Ngubaba Ukhathazekile Ngezindleko Neresponsibility

Silungiselela kanjani siphinde silawule izindleko zokuba nengane ? Mina nonkosikazi wami sasijabule siyandiza ukuthola ukuthi usemumethe ,kodwa manje sesibhekene nesimo ngqo esiza nakho.Ngizizwa nginokukhathazeka nokwesaba mayelana nezinselelo zoku-supporter nokunakekela ingane .Ningangisiza?
25 Dec 2019 5PM 5 min

Friend Request Kwi Social Media Evela Othandweni Lwakudala

Ngingayimukela yini –ifacebook friend request kwesengake ngathandana naye phambilini? Usekhombise ukuba nokuthanda sixhumane kwi social media.Njengamanje luphezulu luhle uthando lwami nomnyeni wami futhi ngizinikele kuyena ,ngakho angicabangi ukuthi lokhu kungadala ubungozi ebudlelwaneni bomshado wethu .Nicabangani?
24 Dec 2019 5PM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
23 Dec 2019 5PM 4 min

Unkosikazi Ongasenkamunkamu KuMkhwenyana OsewuTamu-texe

Ngenzenjani ukubhekana noqobo lokulahlekelwa ukulangazelela komnyeni wami ngomzimba wakhe osuvese waba yisitetelegu ? Sengizamile ukuba ngonenkuthazo nokusiqonda isimo.Ngizamile ukushintsha ibhodwe sehlise okukhuluphalisayo ,ngazinikela ukujima naye,ngazama nokumlalela ngozwelo eminyakeni eminingi eyedlule ,kodwa alukho nolulodwa yena alwenzile ukuguqula isimo sakhe .Angicabangi ukuthi kunengcindezi anayo ,yena nje kuphela akufunayo ukuzimolokohlela ukudla qede athi…
22 Dec 2019 5PM 5 min

Ubaba Ongaziphethe Kahle KuMalokazana Nakwabanye Besifazane

Ngibhekane kanjani nokungaziphathi kahle kukababa kumakoti wami nabanye besifazane abasebasha?Sengidlulisile ukukhathazeka kwami kuyena ,kodwa uvese athi yindlela lena ayiyona futhi akukho kuguquka azokwenza yena.Nginqume ukuthi kuzoba kuhle ukuba singabe sisaba ndawonye naye kusukela manje,kodwa lokho kukhuba uMawam ngoba usathokozela ukusibona .Umakoti wami uthi ukulungele ukuzinikela abekezelele lempatho kababa,kodwa mina angithandi…
19 Dec 2019 5PM 5 min

Ukuchazela Izingane I-Addicton Yezithombe Zobunqunu

Ikhona yini indlela enhle yokuxoxa mayelana noqukatho olungeluhle kowakwakho kwezocansi? Umnyeni wami usohambweni oluhle lokulapheka kulesisimo futhi uyethembisa kakhulu.Umshado wethu futhi uqinile kunanaphambilini ,kodwa izingane zethu seziqale ukubuza imibuzo mayelana nayo yonke imihlangano esimatasa siya kuyo.Angazi kumele ngiphendule ngithini.
18 Dec 2019 5PM 5 min

Ubaba Owadivosa Ingane Ayimthandi Umamncane - Divorced Dad

Ngingenza kanjani enganeni yami ukuba engabi nyamana mbana uMamncane wayo omusha? Ngingubaba womfana omuhle kabi ono 6.UMawakhe wangidivosa lomfana wami eneminyaka eko 3 ,emva kwalokho wahamba wayoshada nenye indoda.Okwamanje nguye onelungelo elikhulu lengane, elami elokuyivakashela.Undodana akafuni ngibe ngowakhe nabanye abantu,futhi lokhu sekudale inkinga enkulu kimina ngempilo yokuphila nabanye abantu.Kwaze kwabiza…
17 Dec 2019 5PM 5 min

Ingane Ethi Ifuna Ukufa

Ngakube kumele yini ngethuke uma undodana wami oneminyaka engu 6 athi ufisa sengathi engabe usefile?Lenkulumo uyisho kimi namhlanje ,lapho ngivese ngathuka ngenye indlela ngavese ngangazi ngithini kuyena.Ngenzenjani?
16 Dec 2019 5PM 5 min

Izimo Zengcindezi Yokukhathazeka

Ngingumkhathazeki ,futhi lenkinga iyadlanga.Sengike ngezwa abantu bekhuluma ngoguquguquko lokukhathazeka oluzishintsha imibala,kodwa angazi lokho kuchazani.Ngingabona kanjani ukuthi ukukhathazeka kwami kungokujwayelekile ? Nokuthi ngenzenjani?
15 Dec 2019 5PM 6 min

Ukuzibuza ngonakekelo lukaNkulunkulu

Singathembela kuNKULUNKULU ezidingweni eziphathekayo kubantwana bakhe abathembekile? kwabaseFiliphu 4:19 kubukeka ethembisa kanjalo .Selokhu ngalahlekelwa ngumsebenzi nganamathela kulelivesi,kodwa alibukeki lingisize ngantoni nomndeni wami. Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule silahlekelwe umuzi wethu,imoto nezinto eziningi .Kube nzima kakhulu lokhu kodwa okweqile imibuzo okunginike yona engqondweni.Ngibonile ukuthi amaKhrestu amaningi athembekile endulo aphila nanxa izidingo zawo zingafezekile.Anqubuzana…
12 Dec 2019 5PM 5 min

Indodakazi Engena Ebuntonjini Enokujwayelana Nowesilisa Osemdala

Sivume yini ukubona undodakazi wethu ona 16 abe seduze nowesilisa osekhulile kunaye .Uneminyaka engu 25 futhi u-involve kakhulu kwi band yama worshiper ebandleni lethu .Kusukela nyakenye yena lowesilisa usebe nobudlelwano obungaqondakali kahle nondodakazi wami ababubiza ngo ‘brother –sister’.Ungowesilisa othandekayo futhi ohlonishwayo ebandleni lethu ,kodwa ngezizathu ezithile umqondo kaMawami wokusola into…
10 Dec 2019 5PM 5 min
900 – 920