Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
48 – 68

Ingane Ekhetha Ukudla

Singenza kanjani ukuthi umaqhenyane wengane yethu ena -4 idle konke esiyinika khona? Ukukhetha kwakhe ukudla sekusinyusela ushukela phela manje.Kaningi simnqabela ama kip kip kodwa siyabona ngesidlo santambama uwazungeza yonke indawo.Mina ngibona lokhu kukhetha kwakhe kuluphawu lokungalaleli kodwa uyise yena usaba ukuthi uma sikwenza kuba ludaba kuzokwenza angadli kakhulu kunakuqala.Senzenjani ?
24 Apr 2023 6PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ninalo ululeko kugogo nomkhulu ababhekene nokukhulisa umzukulu wabo ? Abazukulu bethu ababili bahlala nathi futhi cishe kuzoba ngeside isikhathi .Singabenza kanjani bezizwe besekhaya elifudumele ngaphandle kokukhathala kwengqondo kithi?
23 Apr 2023 6PM 4 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Kukuphi lakhona ibhayibheli likhuluma ‘ngobungcwele bempilo yoluntu”? Ngiyezwa nje leligama selivelele ,ngokuqhubeka ngilizwa ,yila khona nencazo yalo ngingayitholi .Umzekelo omuhle ,yila khona ngihlale ngizwa ebandleni,emisakazweni nezinhlangano ezilwela ukuphila zisebenzisa leligama.Nanxa kunjalo kodwa angiziboni sengiliqonda kahle nokuthi liqhamuke kanjani .Ikhona insika yebhayibheli engalomqondo?
19 Apr 2023 6PM 5 min

Ukulungisela ukukhishwa ejele kowakwakho

Ninazo iziluleko zowesifazane omkhwenyana wakhe usezophuma ejele?Umnyeni wami ubetoke iminyaka emithathu,usezobuya ngenyanga ezayo.Ngilangazelele ukubuya kwakhe ,ngibe sebudlwaneni obumnandi isibili naye ,kodwa khona lapho futhi ngizizwa nginovalo.Angikwazi ngqo ngqo engingakulindela.Ningangisiza?
18 Apr 2023 6PM 4 min

Ukwehliswa isithunzi uwakwakho

Ngenze njani uma uwakwami ekhuluma okungeyikho kumbe okungiphoxayo emndenini noma kubangani? Angicabangi usuke ekuqondile kodwa mina kugcina kungehlisa isithunzi.Sekuyiminyaka yenzeka lento.Ekuqaleni ngangiye ngimlinde size sibe sobabili bese ngigonyuluke kuye.Manje sekuvese kwadlanga futhi sengibona kungcono ngivese ngingasalindi manje kodwa ngimdumele khona esidlangalaleni ze ngivikele isithunzi sami.Yikuphi eningakusho?
17 Apr 2023 6PM 4 min

Iminmgcele emshadweni evikela ukusiza owobunye ubulili

Angeke walokotha ukuthathe kancane ukuklama umngcele emshadweni wakho. Ubudlelwano emishadweni eminingi sebube nduvunduvu ngenxa yokungakali imingcele ecacile, yagcina ingena esonweni. Ngakube indoda eshadile ingasiza owesifazane oshadile ngezinkinga zakhe zomshado bebobabili?
16 Apr 2023 6PM 4 min

Ukubhekana nobungane bokunganaki

Ngingamqondisa kanjani umfanawami onkambo ikhombisa ukungakhuli ngengqondo ? Hhayi ngoba engezwa kodwa ubudedengu nje.Isibonelo nje akazibeki izinto zakhe ,uvese ashiye ibhola lakhe la lingantshontshwa kalula khona,ashiye kanjalo izicathulo namathoyizi.Kwenziwanjani ?
13 Apr 2023 6PM 2 min

Uwakwami uhlukumeza izingane ngokomzimba

Umnyeni wami akakaze abe ngonodlame kimi ,nokho kuluduba oluhlukile ngamalengiso mase kuziwa kubantwana bami .Uvama njalo ukubabhaxa,futhi useke wabalimaza kaninganyana .Ngifuna ukuvikela ,nokho ngiyesaba ukuthi lokho uzokuthatha kanjani uma ngimphonsela inselelo .Yikuphi okumele ngikwenze ?
12 Apr 2023 6PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Ninazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?
11 Apr 2023 6PM 3 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e –office bese ube ngosemndenini

Izimfuno zemsebenzi edla isikhathi kanye nesindayo zinkulu, bese kuphenduka inselelo ukuthola isikhathi sakho nomndeni okuyinto esemqoka Esikhathini sethu esigijimayo, nala khona i-technology isigcina simatasa nangeminwe yethu sihlala sikwezokuxhumana, kubiza ukukuqonda ngqo ukwenza isikhathi nomndeni ikakhulukazi la khona ukudinga.
10 Apr 2023 6PM 4 min

UMusa ,umthetho ,nokukhuluma iQiniso ngothando

Ngingama kanjani eqinisweni likaNkulunkulu kodwa ngingabi ngowahlulelayo ? Ngingumuntu okhulumayo ngokholo lwakhe ,okugcina kwenza abantu bangiphonsele inselelo .AmaKhrestu amaningi kulezinsuku azi ukuthi ungaba likholwa wenze nantoni oyicabangayo bese uyasindiswa ngomusa nesihawu seNkosi.Banomqondo wokuthi umhlatshelo onguKhrestu unamandla phezu komthetho okuphetha ngokuthi uNkulunkulu angabi nandaba nobuqotho bokuziphatha .Lokhu kuvamisa ukuba yilomqondo ikakhulukazi…
9 Apr 2023 6PM 4 min

Ukuhlonza izimpawu zokugxila ophuzweni kothandiweyo wakho

Yiziphi izimpawu zokugxila ophuzweni ? Ngikhathazekile ngomkhwenyana wami kodwa angazi noma nginesiqiniseko sokuthi kukhona akwenzayo ngophuzo.Uma ehleli nabangani bakhe bebuka ibhola kwi TV kusuke kuphuzwa utshwala.Nanxa kungenzeki njalo.Kahle hle ngenye yezindlela azivikela ngayo uthi uphuza makungama -weekend noma kune- game .Uthi yisikhathi nje sokuzijabulisa nabangane bakhe ,engekho emsebenzini epholisa ingqondo…
6 Apr 2023 6PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Ngokwamagama kaJesu awasho ku Mathewu 5:27 -30 ,kwehluka kanjani ukuphinga ngokubuka nokuphinga kwempela ? Uma kungenamehluko ,ngakube ukungena komnyeni wami kwezocansi online kunginika amava okuthi ngingahlukanisa naye? Ngisanda kuthola ukuthi usebudlelwaneni obuqhubekayo nge- internet .Uthi yena akukho kuphinga ngaloluhlobo lwalesisenzo .Ngokwakhe ngenye yezindlela nje yokuzidlalela umdlalo wezocansi emoyeni.Mina angivumi sanhlobo…
5 Apr 2023 6PM 5 min

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ningasitshela ukuthi zinguquko zini esingazilindela ngenkathi ingane yethu ingena ebubhungwini –nokuthi sibhekane kanjani nakho ? Siqeda kubona ukuba yiyona nselelelo le kundodana wethu. Futhi ngibona sengathi mina noyise kuzomele sithwale umthwalo othe xaxa ngesikhathi sesibhekisisa loluguquko angena kulo.Kukhona eninakho okuphathekayo kokwehlisa lesivunguvungu ?
4 Apr 2023 6PM 4 min

Umsebenzi owufundele ubizo nomsebenzi unguMKhrestu

Ngingalwazi kanjani ubizo luka Nkulunkulu empilweni yami ? Kuyiminyaka ngisebenza emsebenzini onzima nongahlabi mxhwele .Akukho ntokozo nakuneliseka ongilethele khona ngaphandle kokuthi usigcina sinesinkwa etafuleni siwumndeni .Ngokwami ukubuka yikho okuseqhulwini elikhulu lokho.Khona manjalo ngiye ngizwe abashumayeli bethi uNkulunkulu unobizo oluqondene nawe nokuthi lolobizo lubandakanya nomsebenzi wami .Ngokwami ukubuka leyonkulumo ayimile ngezwi…
3 Apr 2023 6PM 4 min

Ozoba ngumkhwenyana useke waba socansini phambi komshado

Njengozoba ngumakoti ngingalinqoba kanjani isemumva lami lokuphoxeka engibhekene nako njengamanje kokuthi lensizwa engizoshada nayo ayiseyona insizwa nsi!?Angimbambele lutho.Kahle hle ngizizwa nginecala ukuba nalemizwa ,ngoba phela ungumzalwane ozinikele eNkosini,omnene nonobubele ,nendoda enkambo eqotho.Khona manjalo ,ngiyehlulwa ukuzibamba ukuthi ukukhathazeka ukuthi lokhu kunganogcobho emshadweni wethu nokuthi sixhumana kanjani njengonkosikazi nendoda.Akulaleki ebusuku ngizibuza ukuthi…
2 Apr 2023 6PM 4 min

Ukuzibuza kaze uwakwakho wakuyeka ngempela ukukuhamba ngemumva

Ngingakholwa kanjani wukukuthi umnyeni wami usephendukile ebuhlungwini angidalele khona? Onyakeni owodwa odlule ,ngithole ukuthi sekube ngeside isikhathi esothandweni nomunye wesifazane ngenhliziyo ejulile.Unokhondolo futhi lokuvese aqhume ngokudinwa okugcina kuholela ekuhlukunyezekweni ngamagama.Kaninganyana engijikijela ngezinto . Nakuba esaphuma kulobubudlelwane bokungibhaqa ,kwathi ukwehlisa umoya wakhe ,waze wathi ufisa siyothola nabaluleki ukuze sikhande umshado wethu,konke…
30 Mar 2023 6PM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Sisemalungiselelweni okuhlukanisa kodwa kubukeka kuza mawala emndenini wonke.Izingane zethu sezenza izinto ngendlela ehlukile.Ezinye zezindlela zazo ngalesimo zenza ngikhathazeke ngazo.Yikuphi okuthathwa njengokulindelekile nokuphilekayo nakho esimweni esinjengalesi ? Yikuphi okungenziwa ukubhekana naloludaba?”
29 Mar 2023 6PM 6 min

Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakho

Ngingavika kanjani ubushudushudu bami nengcindezi ukuba bungabi nemithelela emibi kunkosikazi nasezinganeni zami? Kwanele ngokwakho ukubhekana nalemizwa edluntulanayo ,kodwa okomcabango wokuthi ngenza ibe nzima impilo yomndeni wami yiwo kanye okunzima ukuwuthwala.Ngenzenjani ?
28 Mar 2023 6PM 4 min
48 – 68