Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
388 – 408

Uphindaphindo Lohlubuko KuMKhrestu uzibuza kaze selweqile yini kwiNtethelelo kaNkulunkulu

Kukangaki ukuba uNkulunkulu angithethelele angibuyisele kuye futhi? NginguMkhrestu, kodwa uhambo lwami neNkosi lungugqamincishi. Kukaningi ngiyidela iNkosi, okuthi ngingahuhluzeka phansi ngobuso bese ngibona iphutha lesinqumo sami. Kuyinhlalayenza lokhu empilweni yami. Ekuqaleni angicabanganga kabanzi ngakho, kodwa manje sekuyangikhathaza: ngakube sengiseqile isikali sentethelelo ekalelwe mina? Ngabe sengimqede ukubekezela uNkulunkulu? Ngakube yinto le okumele…
14 Dec 2021 5PM 5 min

Ukuhlabela Phambili Emumva Kwesahlukaniso

Ngingabhekana kanjani nobuhlungu be divosi ngicabe indlela entsha yezingane zami name siqu? Ngiyavuma ukuthi ngakhetha kabi. Esibi kunazo zonke ukuthi ngaqhela emndenini wami ngesikhathi kushuba emshadweni wami sengehlulwa ukubhekana nakho.Ngibona manje ukuthi ukuqhela kwami akulethanga kimi kuphela ubuhlungu, kodwa nasezinganeni zami. Osekwenzekile kwenzekile, futhi akukho osekungaguqula ubuhlungu engabudala.Ngizizwa nginecala elikhulu!…
13 Dec 2021 5PM 5 min

Ukukinatelwa zidakamizwa Ukukhetha uwakwakho othembekile

Njengomuntu osohambweni lokusinda kwi addiction ,ngingamthola kanjani ozohamba nami kumagxathi anzima okuqala ohambweni lokulapheka? Ninazo iziluleko ekukhetheni umsizi othembekile nokuthi lobobudlelwane bubukeke kanjani ? Ngothokoza kakhulu kweningakuphakamisa ngalesimo.
12 Dec 2021 5PM 4 min

Ubudlelwane BomKhrestu Nohulumeni OngenabuNkulunkulu

Kungani kumele ukuba ‘ngithobele’ uhulumeni engikholwa uhamba lugugube? Ngiyalithanda izwe lakithi futhi ngithanda ukuzibandakanya nombusazwe wezwe wakithi, kodwa ngiyadideka okushiwo yibhayibheli ngalesihloko.Kodwa kwenzeka kanjani ukuthi uPhawuli atshele aMaKhrestu ukuba athobele [Kwabase Roma 13 : 1-7] nxashana kusicacele kahle ukuthi ohulumeni bomhlaba bonakele abanabulungiswa? UmKhrestu enze njani uma ebona ukuthi uhulumeni…
9 Dec 2021 5PM 5 min

Inkonzo yekamero eqophelweni eliphezulu layo

Ngakube ucansi emshadweni luyanelisa ngempela? Ngisemshadweni onzima, isilonda esikhona phakathi kukankosikazi wami name- wudaba lwenkonzo. Ngizizwa ngincintshiwe. Kwesinye iskhathi ngize ngibe nezilingo zokufisa izidingo zami zigcwaliseke ngaphandle. Ngifunde umbhalo othi abantu abasemshadweni yibo abaneliseke kakhulu ngenkonzo yekamero emhlabeni –akwenzeki nakoyedwa ukweneliseka kothandana nabantu abaningi. Ngithola kunzima kimi ukukholwa yilokho! Angifuni…
8 Dec 2021 5PM 6 min

Ukubhekana nobunzima bokuhuhwa ngobulili bunye

Ikhona indlela enginganqoba ngayo umzabalazo wami weminyaka ngokuhuhekela ebulilini bunye nobami? Sengizamile ukulwa,kodwa kubukeka kwehlulekeka ngigcina ngenze ngokuzenzakaleka ngokwalemizwa. Ngenzenjani?
6 Dec 2021 5PM 6 min

Ukukhuluma Nezingane Ngezimo Ezihlasimulisayo

Njengomzali ngingabhekana kanjani nengane yami ,ngezikhathi la khona kunobududu bobuqhuqhu bezibhamu,izimbubhane zemvelo, nezinye izimo ezihlasimulisayo ezingokuthatheka kwempilo ?Ngabe kumele ngenze okuseqophelweni ukubasitha kulololwazi-okuyinto engelula neze ngokwezindaba ezingena zilekanyana kwezokusakaza kulezinsuku? Kumbe ngizame ukukhulama nabo ngakho ?
5 Dec 2021 5PM 4 min

Umphostoli Phawuli ngomshado nokuba wedwa

Kanti ibhayibheli alibuki yini umshado njengeqophelo eliphezulu lesibili ? Njengosemdala engashadile,angizwa neze kahle uma ngibona amakholwa egcizelela kangaka ubumqoka bomshado.Utadisho lwami lomlando lungiholela ekukholweni ukuthi ukuba wedwa kwakuvelele phambilini kunamanje.Izingcindezelo zokubuka kwesiko lamanje lisivala amehlo ukugqqama kwesitatimende sikaPhawuli : “Ngifisa sengathi bonke abantu benganjengami” [ 1KwabaseKhorinte 7: 7] .Ngikholwa ngumunxa…
2 Dec 2021 5PM 5 min

Ukusebenzisa amaphilisi okuhlela inzalo emshadweni

Uthini umbono wenu ngokusebenzisa amaphilisi okuhlela ? Sisanda kushada sizama ukucabangisisa ngendlela eseqophelweni eliphezulu ukuthi siwabuke kanjani,kodwa sithola umyalezo ohlukene kubahlobo bethu,amalunga omndeni ,nodokotela.Omunye umzalwane esimaziyo ukholwa ukuthi naluhlobo luni lokuhlela umndeni lumelene necebo likaNkulunkulu. Asazi sicabange kuphi.
2 Dec 2021 2AM 5 min

Umama akabazwile kahle abangani womkhwenyana wakhe

Yikuphi engingakwenza ngokungabi kwami nkamu nkamu ngabangane bomkhwenyana wami? Sithokozile futhi sisebudlelwaneni obuhle kakhulu,ngaphandle kwento eyodwa : angizwani nabangane bakhe.Ikhona indlela yokusombulula lenkinga? Isiholela ekuphikisaneni nongqubuzano
1 Dec 2021 2AM 4 min

Isehlukaniso nofa lwaso ezinganeni

Isehlukaniso wuhambo olungelula neze ukuluhamba,ikakhulukazi uma kubandakanyeka nezingane, ungalindela isikhisi esidephile impela.Izingane zithenteka kabi ngokuhlukanisa kwabazali bazo, uMama noBaba kumele bazi bazobhekana kanjani ngokwesaba nokudideka kwezingane zabo.
29 Nov 2021 5PM 6 min

Ukwehlisa amava engcindezi emndenini wakho

Ingcindezi iyinkinga yezempilo ethinta umphefumulo kumuntu ngokwamazinga ehlukene, kodwa iphinde ithinte amalunga omndeni ngokwezinga eliphathekayo. Sizothatha ithuba sibuke izindlela ongehlisa ngazo ingcindezi kabathandiweyo bakho.
28 Nov 2021 5PM 4 min

Obaba bafundisa kanjani amadodakazi abo isizotha

Kuningi okungashiwo ngeqhaza elikhulu ubaba angalidlala empilweni yendodakazi yakhe, ikakhulukazi ekuzethembeni kwayo. Ubaba ubumba intombazana ngendlela ezibuka ngayo emphakathini, ngokunjalo unomthelela omkhulu ukuthi izethembe.
25 Nov 2021 5PM 4 min

Ukusiza oyisisulu sobhongoza kwezokuxhumana

Siyavama ukubuzwa ngabazali, ukuthi babhekane kanjani nengane esibe yisisulu sobhongoza nobhongoza kwezokuxhumana. Ziningi izeluleko zemibhalo esinazo kulabobazali ezibanika inkombandlela kwi-website yethu ethi: www.safamily.co.za. Kodwa namhlanje sifuna ukukhuluma nabo qobo abasha ababhongozwa wobhongoza kwezokuxhumana. Sizwa kaningi ngabasha abexakekile ukuphila impilo ejwayelekile neqhubekayo, ngenxa yokwesatshiswa obhongoza basesikoleni kumbe labo abaxhumene nabo kuma…
24 Nov 2021 5PM 5 min

Ingane yesaba uSathane

Izingane zifunda ngoSathane ebhayibhelini bese zizwe nangezindaba ezifundiswa kuSontoskole, bese kokunye zibe netwetwe qobo ngalesisitha esingabonakali. Abazali bengenza okuningi ukwehlisa lokho kwesaba ngokuthi basho uthini uNkulunkulu ebhayibhelini.
23 Nov 2021 5PM 5 min

Ukuhuheka kumngani wowakwakho

Njengoluntu sibuthaka,futhi inhliziyo nezingqondo zethu zingasiduza kalula uma singaqapheli ukuba zihlale zibekwe eNkosini .NjengaMakhrestu sitakulwe ebugqilini besono sabuyisana noNkulunkulu ,kodwa lokho akuchazi ukuthi imicabango yesono ayithi shwi emiqondweni yethu. Kusibiza ukuba sense izinqumo ezinqala usuku nosuku sithabathe iziphambano zethu simlandele uJesu. Emshadweni simelwe ukuqapha izinhliziyo zethu kwizintshisekelo zesono ezingamelana nobudlelwano…
21 Nov 2021 5PM 5 min
388 – 408