Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
268 – 288

Ukuqonda i-sexting yentsha

Njengomzali we-teen ngakube I –sexting yinto okumele ngikhathazeke ngayo ? Sengizwe kaningi ngalokhu ezindabeni, kodwa angikaze ngicabange ukuthi ingane yami ingaqoleka yilesilingo.Asikaze sikhulume ngakho ngoba angisheshi kweze technology,futhi angazi ngqo kubandakanyi ini.Ngale kokuthi ,uyingane enhle.Nicabanga ngimelwe ukusimungunya lesihloko naye?
20 Jun 2022 5AM 5 min

Izimpawu zenhlese embi emshadweni nge-social media

Ngingabona kanjani uma kungukuthi ukuzibandakanya kwami kwi social media ,facebook,twitter nokunye .- kuyincuphe emshadweni wami ? Angikacabangi yisona simo njengamanje,kodwa angifuni futhi ukuqhamuka sengithuswa yi -surprise. Ninawo amazwi enhlakanipho eningangipha wona?
17 Jun 2022 5AM 4 min

Osekuthombeni ucabanga ukuthi abamhloniphi abazali bakhe

Kumele i-adoloscent iphendule kanjani uma abazali bayo behlale becabanga ukuthi kukhona ebaleka nakho? Sengenele abazali bami ! Angiyona ingane embi ,kodwa abanginiki indawo yami sanhlobo.Angikwazi ukwenza utho kumbe ngiye endaweni ethile ngaphandle kokuphekisiswa ngemibuzo.Ngingawamela kanjani amalungelo ami nenkululeko yami ngaphandle kokuba ngiphume ekhaya?
9 Jun 2022 5AM 5 min

Ukwenza izikhathi zokudla zomndeni ezithokozelekayo

Njengowesilisa nicabanga ukuthi kuchaza ukuthi ngiyinkonkoni ngoba nakhu njalo ngiye ngixolele imvamisa futhi ngithokozele izinto zabesifazane ? Yilokhu ngaba njena ngisengumfana omncane ,anginaso isiqiniseko ngithini ngalokhu.
8 Jun 2022 5AM 4 min

Ukukhulisa ukuzethemba ezinganeni

Yiziphi ezinye izinto engingazenza ukudala ukuzethemba ezinganeni zami ? Angifuni zikhule zicabanga ukuthi umhlaba umi ngazo ,kodwa futhi ngifuna ukuzifaka umqondo wokuzihlonipha kunye nezinkambiso zabo ezinhle njengabantu.Ngingakwenza kanjani lokho?
6 Jun 2022 5AM 5 min

Ubuzali ngokubambisana nokungabambisaneki naye owake waganana naye

Ngibhekana kanjani ngokunqubuzana komqondo ngendlela akhulisa ngayo engangimganile? Isinqumo sesahlukaniso sethu ,sasithi siyoba neqhaza elilinganayo ebuzalini.Lokho kwakuzwakala kahle ephepheni kodwa ekwenzekeni kuyinhlekelele.Ngingumuntu okholelwa ebuqothweni nasekuqondiseni.Kodwa ngeshwa konke lokho kuyashabala uma nje izingane zami zike zaya kuyena,ongenandaba ngemithetho nezinqubo.Ngenze njani?
3 Jun 2022 4AM 5 min

Ingane okubukeka ilala kweqe

Ngakube ngikhathazeke ngengane yami eno 6 weminyaka elala kakhulu ?Ayifuni ukuvuka ekuseni ,phezu kokuba ilala early bese ilale ubusuku bonke? Kuyinto ejwayelekile lokhu ? Kukhona enikuphakamisayo?
2 Jun 2022 4AM 5 min

Ingane kumbe i-teenager iphazanyiswa zithombe zobunqunu

Ngakube ngisengabuyela yini endlini kababa ,emva kokuba ngibone izithombe zabesifazane abanqunu kuma-magzine ongcolile awukhohlwe uvulekile e-seating room ? Lokhu kungiphathe kabi kakhulu.Abazali bami sebahlukanisa kodwa nginobudlelwane obunamathele kakhulu kubaba ,cishe wonke ama-weekend ngiwasebenzisa ngikuyena ,angisacabangi ukubuyela khona manje. Ngibhekane kanjani nalesisimo.
1 Jun 2022 3AM 5 min

Izinsolo Zokuhlukumeza Ngomzanyana

Mzali,ake ucabange ngomoya wemizwa wokuba semcabangweni wokuthi umzanyane wakho uhlukumeza ingane yakho.Ukushiya izingane zethu nabanye abantu kubiza ukubethemba ,kodwa uma lokho kubethemba makuke kwaba nongabazane yilapho okudaleka ukukhathazeka okukhulu .Sizokuxoxa lokhu kabanzi la ohlelweni Ezomndeni ,ngakho hlala nathi.
31 May 2022 7AM 5 min

Ingane Esekuthomeni Enamahloni Nobunyube

Ngenze njani uma ngisabela ukuthi sengathi undodana wami uzibeka eceleni kwabanye kweqe?Kade esesemncane sasithi yisigaba nje ,nokuthi uma esekhula uzosondela kontangayakhe.Kuze kube yimanje lokho akuzange kwenzeke.Akabukeki efuna ukuxhumana noma yimuphi umngani osemnyakeni yakhe ngisho nabantu abadala uqhelile kubona .Isikhathi esiningi uyedwa ,azihlalele ne TV kumbe ama video game .Yini le…
30 May 2022 7AM 5 min

Ukugcina Ubudlelwano Nezingane Emva Kwe-Divosi

Njengokuba sengidivosiwe ngingahlala kanjani ngixhumene nezingane zami ?Okunye kwezinto ezibuhlungu ukuthi ngikalelwe isikhathi sokuba nazo .Ngokomthetho ngivunyelwe izinsuku ezimbalwa ukuba nezingane zami.Ngingathanda ukuba nesikhathi esithe xaxa nazo kodwa lo owayengunkosikazi wami u-strict kakhulu ngesikhathi engiba nazo ngaso aze atolike umthetho ngendlela yakhe.Ezimweni ezinjena ngingenza kanjani ukuthi ngiqhubeke ngibe nomthelela onobuNkulunkulu…
27 May 2022 7AM 5 min

Ozongena Ekubeni Ngubaba Ukhathazekile Ngezindleko Neresponsibility

Silungiselela kanjani siphinde silawule izindleko zokuba nengane ? Mina nonkosikazi wami sasijabule siyandiza ukuthola ukuthi usemumethe ,kodwa manje sesibhekene nesimo ngqo esiza nakho.Ngizizwa nginokukhathazeka nokwesaba mayelana nezinselelo zoku-supporter nokunakekela ingane .Ningangisiza?
26 May 2022 6AM 5 min

Friend Request Kwi Social Media Evela Othandweni Lwakudala

Ngingayimukela yini –ifacebook friend request kwesengake ngathandana naye phambilini? Usekhombise ukuba nokuthanda sixhumane kwi social media.Njengamanje luphezulu luhle uthando lwami nomnyeni wami futhi ngizinikele kuyena ,ngakho angicabangi ukuthi lokhu kungadala ubungozi ebudlelwaneni bomshado wethu .Nicabangani?
25 May 2022 5AM 5 min

Ukusungula Izindlela ezihlabela phambili zokuxhumana nezingane

Singabafundisa kanjani abantwana bethu ubuciko bokulalela? Babukeka behluleka ukulandela ulayelo .Odabeni lwendodakazi yami ngicabanga iyaziba izikhathi eziningi.Okukandodana wami khona ,ubukeka eziqinisa ezakhe izindlebe bese abe matasa nomabonakude,izincwadi nama video game,noma yini enye ayenzayo okwenza engasuseki kuyo.Ngizithola sengide ngiphinda phinda into eyodwa.Zikhona iziluleko eningangipha zona?
24 May 2022 5AM 4 min
268 – 288