Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
1008 – 1028

Indoda Esebenzisa izithombe zobunqunu ngoba unkosikazi engasayinelisi

Kumele yini indoda ifune ukuzinelisa ngokocansi ngokuthi ibuke izithombe zobunqunu uma kuwukuthi unkosikazi wayo akasazithandi akazinaki ,useyahubazela nje ? Ngisemshadweni onzima.Kusuka emva nje sashada ,umkami akasawunaki sanhlobo umzimba wakhe ,futhi yinto anganandaba nayo leyo manje .Angifuni ukumdivoza ,kodwa ngisenayo imizwa yenkonzo yekamero .Umqondo muni ongasiza la?
21 Jul 2019 11PM 4 min

Ukuphila nowakwakho onengcindezi yehaba-kucabanga

Ninazo iziluleko kophila nowakwakhe ogcine eseqhoqhobelwe imidanti engenasidingo ? Kimi sekuyacaca ungenwe wukucabanga ngobuhaba.Uhlala njalo exwayile ekhathazekile .Akalali engabhekaka isicabha kashumi .Ngihola kahle ,kodwa uhlala ekhala ngokuthi wesaba kungenzeka sihlulwe zindleko suku lumbe Sekuqala ukungisanganisa lokhu ,kukhona enikuphakamisayo ?
18 Jul 2019 11PM 3 min

Ukhuluma kanjani nezingane ngobaba ongekho

Ngiyiphendula kanjani imibuzo enzima enganeni yami mayelana nobaba wayo ongekho ? Ngahlukana noyise ,cishe eminyakeni ewu 8-ngesikhathi esimuncu-futhi akakaze ambone .Kodwa mumva nje usebuza izinto ezinjengokuthi : ‘usamthanda ubaba Mah ?’ futhi : “Kungani engasifoneli –akangithandi yini nami?” nokuthi “ngingazama ukumcinga ngelinye ilanga ?” Nicabanga ngimphendule ngithini ?
17 Jul 2019 11PM 4 min

Uwushiya kanjani umsebenzi e-office bese ubesekhaya mondeni ngokuphelele

Ngingawugcina kanjani umsebenzi wami ekutheni ungadli nesikhathi sami nesomndeni ? Ngingumphathi omkhulu ,enkampanini enkulu ,futhi ngithwala kanzima ukuthola i -balance yesikhathi somsebenzi nomndeni ,okungiphatha kabi kakhulu ngukuthi noma ngingasekho emsebenzini ezomsebenzi zihlala ziseqhulwini engqondweni yami .Njalo njalo ngifika ekhaya ,ekuphetheni kosuku obelunzima ,ukuze ngibe nesikhathi esimtoti nomndeni wami ,kodwa kufumaniseke…
16 Jul 2019 11PM 4 min

Ukusiza izingane zibhekane nobhongoza

Ngingabona kanjani ukuthi ingane yami inenkinga yokubhongozwa ? Zikhona izimpawu zalokho ? Uma kuwukuthi ,ukulenkinga ,pho ngingamsiza kanjani kulesisimo?
15 Jul 2019 11PM 4 min

UMusa ,umthetho ,nokukhuluma iQiniso ngothando

Ngingama kanjani eqinisweni likaNkulunkulu kodwa ngingabi ngowahlulelayo ? Ngingumuntu okhulumayo ngokholo lwakhe ,okugcina kwenza abantu bangiphonsele inselelo .AmaKhrestu amaningi kulezinsuku azi ukuthi ungaba likholwa wenze nantoni oyicabangayo bese uyasindiswa ngomusa nesihawu seNkosi.Banomqondo wokuthi umhlatshelo onguKhrestu unamandla phezu komthetho okuphetha ngokuthi uNkulunkulu angabi nandaba nobuqotho bokuziphatha .Lokhu kuvamisa ukuba yilomqondo ikakhulukazi…
14 Jul 2019 11PM 4 min

Ukunqamuka kokuphinga -Ukuzenyeza nokuThethelela

Ngakube umuzwa wokuzenyeza uxhumene nesimo sami sokungathetheleli umnyeni wami ekungathembekini nomngani wami oseduze kimi ? Lokhu kuphinga kwenzeka nyakenye ,sabuyisana ,futhi nomshado wethu uqhakambile kunakuqala .Nanxa kunjalo ngisenomuzwa wokuzenyeza nokungazethembi .Kukhona ukuxhumana kulezizinto ?
11 Jul 2019 11PM 4 min

Ukuhlonza izimpawu zokugxila ophuzweni kothandiweyo wakho

Yiziphi izimpawu zokugxila ophuzweni ? Ngikhathazekile ngomkhwenyana wami kodwa angazi noma nginesiqiniseko sokuthi kukhona akwenzayo ngophuzo.Uma ehleli nabangani bakhe bebuka ibhola kwi TV kusuke kuphuzwa utshwala.Nanxa kungenzeki njalo.Kahle hle ngenye yezindlela azivikela ngayo uthi uphuza makungama -weekend noma kune- game .Uthi yisikhathi nje sokuzijabulisa nabangane bakhe ,engekho emsebenzini epholisa ingqondo…
10 Jul 2019 11PM 4 min

Obaba namadodakazi anama-moods

Njengobaba ngingabugcina kanjani ubudlelwano nentombazane evese inyukelwe yinhliziyo esikhaleni ngenxa yobutshitshi? Lonyaka odlule ube ngonzima kimi .Ngiyiqaphelile indodakazi isuka esigabeni sokuba yintombazanyana ehlale imamatheka ithokozile manje esisesigabeni sokuhlala ixhukile iletha izimpikiswano.Ubudlelwano bethu babuyintokozo kimi .Manje sekunzima .Ngingasiguqula kanjani lesisimo ?
9 Jul 2019 11PM 4 min

Ucansi kwezokuxhumana ,ukuthandana online,ukuphinga Nesehlukaniso

Ngokwamagama kaJesu awasho ku Mathewu 5:27 -30 ,kwehluka kanjani ukuphinga ngokubuka nokuphinga kwempela ? Uma kungenamehluko ,ngakube ukungena komnyeni wami kwezocansi online kunginika amava okuthi ngingahlukanisa naye? Ngisanda kuthola ukuthi usebudlelwaneni obuqhubekayo nge- internet .Uthi yena akukho kuphinga ngaloluhlobo lwalesisenzo .Ngokwakhe ngenye yezindlela nje yokuzidlalela umdlalo wezocansi emoyeni.Mina angivumi sanhlobo…
8 Jul 2019 11PM 5 min

Ingane Ebuka ama movie anocansi nodalame kubo kamngani

Ngakube ukubona kanye i -movie noma isithombe esinodlame kwi –TV sithikameza impilo yengane eside isikhathi? Ngisanda kuthola ukuthi ingane yami esese-primary ibuke isithombe esingesihle ngenkathi ikwamngani wayo .Yikuphi okumele ngikwenze nokuthi ngingavikela kanjani ukuthi lokhu kungenzeki kokuzayo ?
7 Jul 2019 11PM 4 min

Izingungquko ezenzeka ekungeneni ekuthombeni nasebubhungwini

Ningasitshela ukuthi zinguquko zini esingazilindela ngenkathi ingane yethu ingena ebubhungwini –nokuthi sibhekane kanjani nakho ? Siqeda kubona ukuba yiyona nselelelo le kundodana wethu. Futhi ngibona sengathi mina noyise kuzomele sithwale umthwalo othe xaxa ngesikhathi sesibhekisisa loluguquko angena kulo.Kukhona eninakho okuphathekayo kokwehlisa lesivunguvungu ?
4 Jul 2019 11PM 4 min

Umthetho wokusebenzisa kahle icellphone ezinganeni

Ngingawasiza kanjani ama -teen ami ukuhlanganisa ukusebenza okufanele kwe-cell phone kunye nokuhlonipha abanye ? ekuqaleni ngangithakasile ukunika undodana nondodakazi wami ama phone ngoba ngangifuna sihlale sixhumana.Kodwa nje nje sengiqala ukuphatheka kabi ngendlela ama phone abo asebaphethe ngayo .Singaba endlini eyodwa nabo –kodwa uma nje begqolozele ama phone abo –okubukeka kuyinto…
3 Jul 2019 11PM 4 min

Umsebenzi owufundele, ubizo, nomsebenzi unguMKhrestu

Ngingalwazi kanjani ubizo luka Nkulunkulu empilweni yami ? Kuyiminyaka ngisebenza emsebenzini onzima nongahlabi mxhwele .Akukho ntokozo nakuneliseka ongilethele khona ngaphandle kokuthi usigcina sinesinkwa etafuleni siwumndeni .Ngokwami ukubuka yikho okuseqhulwini elikhulu lokho.Khona manjalo ngiye ngizwe abashumayeli bethi uNkulunkulu unobizo oluqondene nawe nokuthi lolobizo lubandakanya nomsebenzi wami .Ngokwami ukubuka leyonkulumo ayimile ngezwi…
2 Jul 2019 11PM 4 min

Izimo Zokuphazamiseka kwengqondo Kubantwana

Ikuphi engingakulindela enganeni ephazamiseke ngengqondo? Ngingazi kanjani ukuthi yikuphi ukuziphatha angakuguqula nokumele ngikwamukele okungenakuguquka? Sibhekene nalenkinga ebhungwini lethu ,futhi asazi sibhekane kanjani nalesisimo .Ningasisiza?
1 Jul 2019 11PM 4 min

Ozoba ngumkhwenyana useke waba socansini phambi komshado

Njengozoba ngumakoti ngingalinqoba kanjani isemumva lami lokuphoxeka engibhekene nako njengamanje kokuthi lensizwa engizoshada nayo ayiseyona insizwa nsi!?Angimbambele lutho.Kahle hle ngizizwa nginecala ukuba nalemizwa ,ngoba phela ungumzalwane ozinikele eNkosini,omnene nonobubele ,nendoda enkambo eqotho.Khona manjalo ,ngiyehlulwa ukuzibamba ukuthi ukukhathazeka ukuthi lokhu kunganogcobho emshadweni wethu nokuthi sixhumana kanjani njengonkosikazi nendoda.Akulaleki ebusuku ngizibuza ukuthi…
30 Jun 2019 11PM 4 min

Umsiza kanjani uwakwakho onengcindezi

Ngingamenza kanjani umnyeni wami afune usizo ngengcindezi ebonakala imhlasela ?Nginesizathu sokukholwa ukuthi uthwele kanzima kulengxenye ,Kodwa uyenqaba ukuvuma ukuthi lokhu kungaba liqiniso kumbe ukukuthatha serious lokhu okungikhathazile ngaye.Angazi noma impakamo,ukwesaba ,noma okunye okumi endleleni yakhe,kodwa ngiyazi ukuthi lentaba isiqalile ukugingqikela emshadweni nasemndenini wethu .Ngenzenjani?
27 Jun 2019 11PM 5 min

Ukwakha ikhaya nokubuka kwebhayibheli ukusebenza

Ukuba sekhaya kungenakanjani ngokwebhayibheli eszihlokweni zokusebenza nokufuzula?Ngihlale ngikuthokozele ukuba sekhaya njengonkosikazi nomama ekhaya .Ngabe sengizwa izinkulumo eziningi ngeqhaza lokusebenza okuwumkhiqhizo ngokwecebo likaNkulunkulu ngoluntu.Kusuka lapho sengibe manqika.Ngisebenzisa isikhathi sami ngilungisa ukudla ,ngisulana namakhala avuzayo odado,ngisulana nekhishi .Ngokwami ukubona akukho nto engiyilethayo ngokomnotho ,ngakho angazi noma lokusebenza kwami kunaqhaza lini ngami emphakathini.Ngingazigqaja…
26 Jun 2019 11PM 4 min

Ungqubuzano Nabazali Ngamalungiselelo Omshado

Singabhekana kanjani nokungaba ngamathuba okungavumelani aqhumayo kubazali bami ngomshado wethu ozayo?Bagcizelele ukumelana kokuba khona kwamawayini nokudansa kwi -reception.Mina nozoba ngumkhwenyana wami sizimele ngokwezimali futhi sikulungele ukuzikhokhela thina izindleko zonke zomshado .Nokho lokho kungelungise lenkinga ,njengoba uMawami esekucacisile ukuthi ngeke beze bona emshadweni wethu uma kuneziphuzo ezihlohlozayo nemidanso.Eqinisweni lezozinto azikho mqoka…
25 Jun 2019 11PM 5 min

Umkhuba wokuba izingane zihlale zicabanga sakukhathazek

Ngakube umkhuba oqhubekayo wokuhlala ingane ikhathazekile ngengqondo ,ungaba nobungozi ekuhambeni kwesikhathi?Ingane yami inalowomkhuba ,sengenze okuningi ukuqeda lokho kodwa lutho ngehlulekile .Kuyangisanganisa lokhu .Yikuphi okumele ngikwenze?
24 Jun 2019 11PM 5 min
1008 – 1028